Bafisele uShenge unwele olude ngokuhlanganisa iminyaka ewu-94Abemikhakha

365

Abemikhakha eyahlukene bambize ngesibusiso, umtapo wolwazi onothile, kubatshazwa nokukhalipha kwakhe

YINKOSI uMangosuthu Buthelezi.

PHUMLANI GAMA

IFISELWE izilokotho ezinhle ngabemikhakha eyahlukene iNkosi Mangosuthu Buthelezi engundunankulu kaZulu futhi engumsunguli nomengameli ngokuhlonishwa we-IFP – ezobe ihlanganisa iminyaka ewu-94 ubudala ngoMgqibelo idla anhlavana. ILANGA libe nengxoxo nabantu abasemikhakheni eyahlukene abafanise lo mholi nomtapo wolwazi ohamba ngezinyawo ezimbili. Bonke abakhulume naleli phephandaba batusa ubuhlakani nokuma eqinisweni kwalo mholi futhi okholelwayo entweni asuke ekhuluma ngayo. UMnu Musa Myeni ongusomabhizinisi osemkantshubomvu, uthe wakhuliswa yiyona iNkosi uButhelezi.

Uthe kayiyena umholi waseNingizimu-Afrika kuphela, kodwa ibalwa namaqhawe ase-Afrika. “IsiZwe saKwaZulu sibusisekile ngokuba nomholi ofana noMntwana waKwaPhindangene. Ukube siyazenzela ngabe sicela uNkulunkulu ukuba ahlehlise iminyaka yakhe yokuphila kusale ewu50, ukuze azokwazi ukuqhubeka nokuphilisa isizwe ngobuciko anabo. “UShenge unomlando omude kakhulu, kuningi asekubonile kwenzeka kuleli. Wabona umbuso wamaNgisi, wukungena kweNational Party (NP) emandleni nokukhululwa komuntu onsundu.

“Iningi labantu abangontanga yakhe ngokweminyaka, kabasakukhumbuli okuningi kodwa yena ukwazi konke osekwenzekile,” kusho uMnu Myeni. Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana uThulani Zulu, uthe egameni lendlunkulu babonga kabaphezi ngesipho abasinikwa uNkulu-nkulu. “ISilo esibusayo kumanje, uMisu-zulu nabantwana basendlunkulu, babonga uNkulunkulu ngesipho asinika sona ngoba ukube ubengekho uShenge ngabe namanje sidunguza ebumnyameni. Wazalelwa isihlalo sobukhosi bukaZulu. Namanje sibabaza ukukhalipha komqondo wakhe. Siyacela ukuthi uNkulunkulu aqhubeke ambeke njalo. Sithi nje unwele olude,” kusho uMntwana uThulani. INkosi Sfisosamandelu Shinga engusihlalo wendlu yobuholi bomdabu KwaZulu-Natal, ithe lo mholi wazalelwa ukuvikela isithunzi sobukhosi.

“Sibonga uNkulunkulu nokuhlangana kwamathongo akwaButhelezi nawakwaZulu kwazalwa indoda eyisixazululo ezinkingeni ezahlukene, ikakhulukazi ukuvikela isithunzi sobukhosi. Likhulu kakhulu iqhaza likaShenge ekuvikeleni umhlaba wesizwe. “Egameni lendlu yabaholi be-ndabuko, simfisela ukuphila kwaphakade, sithi nje unwele olude kuMntwana waKwaPhindangene,” kusho iNkosi Shinga. UMnu Blessed Gwala ongusihlalo we-IFP kuzwelonke, ufanise uMntwana waKwaPhindangene nenqolobane yomlando wesizwe.

“Kuyigugu kithi ukuba khona ko-mholi walolu hlobo. Simfanisa nomtapo wolwazi ohamba ngezinyawo ezimbili. Simfisela impilo ende ukuze isizwe sizoqhubeka nokukleza ulwazi kuyena. Akukho ngisho nesisodwa isigaba sempilo angenalo iqhaza kusona. “Lapha sikhulumangendoda ebambe iqhaza ekuthuthukisweni kwesizwe saseNingizimu-Afrika. Lokho kufakazelwa yizindonga zezikole, izikhungo zemfundo, izibhedlela, umnotho wezwe nokunye okuningi esingeke sikuqede uma singakubala. “Sikhuthaza isizwe ukuba silisebenzise leli thuba lokuncela umbele weqiniso kuMntwana waKwaPhindangene. Lapha sikhuluma ngomholi ohambe waphumelela phezu kwamakloba omlilo, kuze kube yimanje akaziphakamisi. Unwele olude Shenge,” kusho uMnu Gwala.

Previous articleIzobhekana nePirates ixhuga i-AM
Next articleBanemibuzo ngokubulawa kwekhansela le-EFF ‘ngamaphoyisa’