bafuna kushushiswe isikhulu ‘esidlale injeje’ kwi-sascoc

609

MZWAMANDLA ZONDI

esisolwa ngokudlalisa injeje izimbangi zaso ezinkulu embangweni wokwengamela iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc).

Ukhetho lwale nhlangano elawula ezemidlalo kuleli lwahlehliselwa usuku olungaziwa ngenxa yokubheduka kweCovid-19 ebhidlange umhlaba wonke.

UThami Mchunu onguMengameli weKZN Sports Confederation, utshele ILANGA ukuthi kufanele ashushiswe uBarry Hendricks (osesithombeni) osanda kumiswa ekubeni ngumengameli oyibamba kwiSascoc kwangena u-Aleck Skhosana ababanga naye lesi sikhundla. 

Umiswe emuva kwezinsolo zokudlalisa injeje ababangisana naye lesi sikhundla.

UMchunu uthe: “Uma uBarry engashushiswa baningi abazokwenza njengaye bezitshela ukuthi ngeke bathathelwe izinqumo ngezenzo zabo. Sibe nomhlangano kanti amanye amalungu eSascoc aphakamise ukuthi angashushiswa uBarry. Uma eyekwa nabanye bazokwenza okufanayo ngokuzayo. 

“Ukusolwa kwakhe ngokuvimba abanye ukungenela ukhetho kuyinto engamukelekile. Phela umbango kulolu khetho ubonakala uzokuba phakathi kukaBarry noSkhosana.”

UMchunu ungumlandeli ka-Skhosana kulolu khetho kanti ukubeke kwacaca ukuthi umbona ezonqoba kwazise uphethe i-Athletics South Africa (ASA) enabasubathi abamela elakuleli ngempumelelo emidlalweni yamazwe omhlaba kubalwa ama-Olympics Games namaCommonwealth Games.

“Sifuna umuntu okwi-federation eyenza kahle emidlalweni yomhlaba futhi obaqondayo abadlali abadlala kule midlalo nemigomo yakhona. Abagijimi benza kahle yingakho ngithi uSkhosana usethu-beni elihle lokuhola iSascoc,” kusho uMchunu.

USkhosana ungenele isikhundla sokuba ngumengameli nesokuba yisekela mengameli lokuqala nokuba yilungu lale nhlangano. 

Ungene ngokuqokwa yi-ASA ayengamele, iKZN Sports Confederation neVolleyball South Africa.

UBarry uqokwe yiGauteng Sports Confederation, iSquash SA, iBasketball, iMpumalanga Sports Confederation, iTenpin Bowling Association, iSACCS. 

Abanye abagaqele esokuhola iSascoc nguWinston Abrahams, uKaya Majeke no-Alan Fritz ongenele cishe zonke izikhundla ezikhona. 

UCecilia Molokwane weNetball South Africa ungenele isikhundla sokuba ilungu.

Previous articleubuyiselwe ngo-elethu kwese-irb
Next articleOwaseKZN usefuna ukuhlela ezomhlaba