Bafuna kutshalwe amasosha eNanda ngenxa yobugebengu

497

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUHLELWA imashi ehambisana nomkhuleko wokudala ukuthula eNanda, eThekwini, ngenxa yokubulawa kwabantu okulokhu kuqhubeke kule ndawo. 

Lo mbono uqubuke emuva kokuba kudutshulwe kwabulawa abantu abawu-8 ezigamekweni ezahlukene ngoLwesithathu olwedlule. 

Esigamekweni sokuqala esenzeke eTanzania, eMaoti, kudutshulwe kwabulawa uMnu Bongani Mfeka (38) obesemotweni nabangani bakhe ngesikhathi behlaselwa ngabantu abangaziwa. 

EBhambayi – khona eNanda – kubulawe abantu ababili – uSiyanda Solwandle (15) noSiyabonga Mthembu (19) – okubikwa ukuthi bebesegcekeni ngesikhathi kuqhamuka abantu abangaziwa, babadubula. 

Kudutshulwe abantu abayisihlanu eTambo Plaza, eMaoti. Kuthiwa uMnu Ridge Zondi (33), uMnu Maricio Machungo (30), uMnu Fano Khwezi Mtsolo (25), uMnu Lucky Zondi (24) noMnu Sphelele Mkhungo (20) bahlaselwe behleli endlini. 

Ngokwesitatimende samaphoyisa, yize imbangela yokubulawa kwalaba abawu-5 ingakaziwa, kodwa kunezinsolo zokuthi
kuhlobene nezidakamizwa. 

Kwenzeka lokhu nje, ILANGA ngeledlule libike ngokwanda kwezigameko zokubulawa
kwabantu kule ndawo, ikakhulu amalungu eCommunity Policing Forum (CPF). 

Ukukhathazeka kwezakhamizi sekuholele ekutheni amalungu eCPF ahlele imashi ezohambisana nomkhuleko, ezokuba ngeSonto. `

Leli phephandaba likhulume nelungu leCPF elicele ukuba lingadalulwa ngokwesabela impilo yalo, elithe kule mashi kumenywe amaphoyisa, abasembonini yamatekisi, osomabhizinisi
bendawo, abezenkolo namalungu omphakathi. 

“Isixazululo sisodwa, wukuba kutshalwe amasosha, ngoba kuyacaca ukuthi izigilamkhuba ziyayinqoba le mpi, nathi singamalungu eCPF kasiphephile ngoba siyabulawa,” kusho ilungu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Nqobile Gwala uziqinisekisile izigameko zokubulawa kwabantu eBhambayi naseTanzania, wathi kuvulwe amacala okubulala, amaphoyisa asaphenya.

Previous articleIkhuthaza inhlanzeko kozakwabo incwasimende eshayela itekisi
Next articleKuhlehle umngcwabo sommeli kubulawa umfowabo