
AKUPHUMI futhi akungeni lutho enxanxatheleni yezitolo iMaponya, eSoweto, njengoba izakhamizi zibhikisha kulandela isigameko sokubulawa komshayeli we-Uber (e-hailing) izolo ebusuku.
Kusabalale i-video ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala abalisa abane bedubula lo mshayeli, maqede bathungela ngomlilo izimoto ezimbili.
Kubikwa ukuthi kufe umuntu oyedwa kwalimala ababili kulesi sigameko esiyanyaniswa nomdonsiswano phakathi kosomatekisi nabashayeli bama-Uber.
Namuhla ababhikishi bathi bafuna ivalwe irenki ekule mall njengoba bethi osomatekisi baxhaphaza umphakathi ngokuvimbela ilungelo labo lokuhamba ngezithuthi ezihambelana nabo.







