MTHOBISI SITHOLE
AMAQEMBU aphikisayo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, afuna kubekwe phambili uhlelo lokulungiselela ukubhala kwabafundi bakamatikuletsheni, zishaywe indiva izikweletu eseziholele ekutheni kucishwe ugesi kwezinye zezikole ezikweleta omasipala.
Zikusho lokhu nje, umasipala weTheku ukhale ngokukweletwa u-R300 million kagesi ngezinye zezikole ezingaphansi kwawo. Nakwabanye omasipala kukhalwa esifanayo njengoba oNdini kucishwe ugesi eMasibumbane High School ngenyanga edlule ngenxa yesikweletu sika-R600 000 kagesi.
UDkt Imran Keeka oyilungu lesishayamthetho elisekomidini lezemfundo – ngethikithi leDA – uthi kuyihlazo ukuthi amabhilidi omnyango angabi nawo ugesi ekubeni engaphansi kukaMasipala weTheku ophethwe wuhulumeni obusayo.
Uthi nakuba umasipala unalo ilungelo lokuqoqa izikweletu, futhi nawo umnyango kufanele ukhokhe, kodwa kubi uma kuphazamiseka abafundi. Uveze ukuthi indlela okusetshenziswa ngayo imali kuhulumeni obusayo, sekuphazamise kakhulu ikusasa labafundi.
“Umbuzo uthi kungani ungqongqoshe engahlangani neMeya yeTheku, uMnu Mxolisi Kaunda, benze uhlelo neziphathimandla zabo eziphatha imali, hhayi ukuthi kuphazamiseke imfundo. Uma kuwukuthi umnyango uyahluleka wukukhokha, makuhlalwe phansi kuxoxwe,” esho.
UNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa we-IFP ekomidini lezemfundo esishayamthetho, uthi bashaqekile ngendlela okwenzeke ngayo ngoba ngesikhathi kuphasiswa isabelomali, ezemfundo zagixabezwa ngesamba esithile hhayi lo 50% wemali yezinsizakusebenza.
“Ungqongqoshe sifuna asichazele ukuthi imali ishonephi. Ngesikhathi siphasisa isabelomali, kasikaze sitshelwe ukuthi siphasisa imali engekho. Sesitholile nokuthi ezinye izingane kazisayi ezikoleni ngoba akusebenzeki,” kusho uKaMadlopha-Mthethwa.
Uthi okushaqisayo wukuthi nohlelo lokuphakelwa kwabafundi ezikoleni luyaqhubeka nakuba bengekho abanye abafundi – kodwa kuzokhokhwa imali egcwele, kukhokhelwa abaphakela izikole.
mthobisis@ilanganews.co.za