elingena namuhla eMgungundlovu.
INTATHELI YELANGA
KULINDELEKE ukuba abameli bakaMnu Jacob Zuma, bafake amaphepha esicelo sokuba kuhlehle ukuqulwa kwecala lakhe
namhlanje ngoLwesibili.
Lokhu bathi kudalwa wukuthi ikilayenti labo lisalele esibhedlela emuva kokukhishwa ejele laseMtshezi (Estcourt) lapho lidonsa khona isigwebo sezinya-nga eziwu-15 ngecala lokudelela inkantolo.
Ngesonto eledlule uMnu Zuma wangeniswa esibhedlela esizimele kuyobhekwa izifo ezingamahlalakhona. Kwenzeka lokhu nje, namhla-nje ngoLwesibili bekuli-ndeleke ukuba kuqhubeke udaba lwakhe lokuthi akafuni ukuba icala lenkohlakalo abhekene nalo nenkampani yaseFrance, iThales lishushiswe nguMnu Billy Downer ngoba ethi akamethembi.
Lolu daba bekulindeleke ukuba lulalelwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Phambilini abameli bakhe babefake isicelo sokuthi kabafuni ukuba lolu daba lulalelwe ngezobuchwepheshe bamakhompyutha, bafuna kuyiwe ngqo enkantolo.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA), uMnu Mthunzi Mhaga, uthe lizohlehliswa leli cala.
“Ngingaqinisekisa ukuthi kusasa ithimba labameli bakaMnu Zuma lizofaka isicelo sokuba icala lihlehliswe.
“Kuyaphoxa-ke ukuthi leli cala lizophinde lihlehle ngoba ithimba labameli bombuso beselikulindele ukuqulwa kwalo.
“Noma kunjalo, siyaqonda ukuthi izizathu esingeke sikwazi kwenza lutho ngazo lezo,” kusho yena.
www.ilanganews.co.za