SKHOSIPHI MTHEMBU
UZWAKALISE injabulo, wathi usezoke alale ubuthongo owesifazane wase-Oakford, eVerulam, ophunyuke emlonyeni wengwenya ngeledlule ibhantinti elamdlwengula liphindelela, lisho ukumqeda eNkantolo yesiFunda yaseVerulam ngosuku lwesi-gwebo.
Isisulu – esingeke sidalulwe ukuvikela isithunzi saso – sithi sesizokwazi ukulala sikhululeke, siphindele nasemzini waso njengoba leli bhantinti elinguSibusiso Mdanda (37), ligixabezwe ngodilikajele ngoku-
mdlwengula ngoba liziphindiselela ngokuveza amanyala alo okulala ne-ngane ekhubazekile yasendaweni.
Ngeledlule inkantolo igwebe uMdanda udilikajele ngecala loku-dlwengula, yambhansela ngewu-5 kwelokuthumba isisulu, eminye ewu-5 kwelokushisa imoto yaso, emibili yokusishaya neminye emibili yokucekela phansi impahla.
UMdanda wagwetshwa ngoLwe-sithathu olwedlule. Isigwebo sakhe sakhishwa engasekho enkantolo, elinde esitokisini emuva kokukhi-shwa esexhakwe ngamaphoyisa emuva kokuba ephume ebhokisini labamangalelwa, wafuna ukuyogadla esisulwini.
Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi kusaqhubeka ukwethulwa kwesigwebo sakhe. Sikhuluma neLANGA emuva kwesigwebo isisulu, sithe sesizokhululeka njengoba umsolwa esezobhadla ejele isikhathi eside.
Sithe besihlala njalo ngokwesaba ngoba naphambilini kasazi ukuthi waphuma kanjani ejele njengoba wayekade eboshiwe, wagwetshelwa icala lokushisa imoto yaso.
“Le nto ayenze enkantolo, efuna ukungishaya phambi kwemantshi namaphoyisa, ikhombise ngokusobala ukuthi ungumuntu ongazisoli ngesenzo sakhe.
“Ukuba abengekho amaphoyisa, ngabe ngifile. bengihlala ngithukile, kangangoba bese ngishiye ngisho umuzi wami ngayohlala kwenye indawo ngibalekela yena umsolwa ngoba ubehlala esho enkantolo ukuthi uzo-ngithola,” kusho isisulu.
Sithi sinethemba ngokuthi umshado waso uzobuyela esimeni njengoba uke waphazamiseka ngenxa yalesi simo.
ILANGA labika kabanzi ngalolu daba lapho kwavela ukuthi uMdanda wahlasela isisulu ngoba eziphindiselela emuva kokuba sambophisa ngo-2015.
Kwabikwa ukuthi waqala ngokushi-sa imoto yesisulu ngaphambi kokusi-gila emuva kokuba wayehlangane naso kade esilinde esitobhini. Wasibhozomela wasiqhuba emini libalele ehamba esishaya, waya naso kubo.
Emuva kwalokho wasihudulela ehlathini lapho wafike wasidlwengula khona ephindelela, emuva kwalo-kho wasigwaza.
UMdanda wayenza lokhu nje, wayekade eshise imoto yaso isisulu ngakho belu ukucasulwa wukuthi saveza amahlazo akhe.
UNatasha Kara weNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uthe uMdanda uzodonsa udilikajele ngecala lokudlwe-ngula, iminyaka ewu-5 kwelokushaya ngenhloso yokulimaza, iminyaka ewu-5 kwelokuthumba, emibili ngelokweba nemibili kwelokucekela phansi impahla.