Bafuna udilikajele kowabulala unina nodadewabo ebasola ngokuthakatha

288

PHUMLANI GAMA

BAFUNA agixabezwe ngodilikajele  owesilisa waseMid-Illovo, eRichmond, okuthe ngoLwesithathu walahlwa yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngecala lokubulala unina nodadewabo ngoba ebasola ngokumthakatha. UDelisani Mkhize (55), uzivumele ngowakhe ukuthi wawabulala amalungu omndeni wakhe. Ulahlwe yicala lokubulala uNkz Masisi Mkhize (87) nodadewabo, uNkz Celiwe Mkhize (40). 

Lesi sigameko senzeka mhla ka-20 kuZibandlela (December) nyakenye. Wadubula abafi maqede wabanquma amakhanda wayowaphonsa emgodini wendlu yangasese. Icala lakhe langena eNkantolo yeMantshi yaseRichmond, ladluliselwa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu. Akayibambezelanga inkantolo, wafike walivuma icala. 

Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Themba Mkhize oyilungu lomndeni, uthe bafuna anikwe udilikajele uninalume ngoba wasebenzisa isihluku esimangalisayo ebulala amalungu omndeni. “Umalume ubevele engumuntu onesihluku futhi enenhliziyo embi. Ngaphambi kokwenza lesi sigameko, uke wangitshela ukuthi kuzofanele ngikhumbule ukuthi nga-bulala i-radio yakhe ngetshe ngiseyingane. Ngangineminyaka emine ngo-2001 ngesikhathi ngidlala ngetshe elabulala umsakazo wakhe. Wangitshela ukuthi ku-fanele ngiwukhokhe ngoba uyawudinga,” kusho uMkhize. Utshele inkantolo ukuthi wabona ugogo nomama uCeliwe besemzini wakhe, begqoke izimpahla ezimnyama, bephethe okuthile ababethakatha ngakho. Ubekhohlisa inkantolo uma ekhuluma kanjalo ngoba konke lokhu kuphambene nokwenzeka. Abafi babengagqokile izimpahla ezimnyama. Sizolinda usuku olumenyezelwe yinkantolo lokukhishwa kwesigwebo futhi sinethemba lokuthi uzonikwa isigwebo sokudilikelwa yijele,” kusho uMkhize. 

www@ilanganews.co.za

Previous articleOwodumo emidlalweni kamabonakude uzohola ukukhiqizwa koweNdlovukazi yeMvula
Next articleKuzolandwa abanye abasolwa kolwePhala Phala