Bafuna ukuziduduza ngeCarling Cup

338

USuthu luzobhula amazolo namaSandawana eFNB

UMQEQESHI wamaZulu FC uRomain Folz nokaputeni uMakhehleni Makhaula. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
ISAQAQAMBA inhliziyo kukaputeni wamaZulu FC emuva kokuba le kilabhu yehlulwe wukunqoba inkomishi ekubeni umdlalo kungowayo. USuthu luzogadulisana neMamelodi Sundowns kwi-semi final yokuqala koweCarling Black Label Cup ngoMgqibelo ngo-09h30 eFNB Stadium, eSoweto. USuthu luya kulo mdlalo nje, ngeledlule luguqiswe ngo-1-0 yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UMakhehleni Makhaula ongukaputeni woSuthu, uthi nakuba isaqaqamba inhliziyo ngokwenzeke ngeledlule kodwa kuzofanele bavuke bazithathe.


“Sidumele ngokwenzeke ngeledlule kodwa impilo kufanele iqhubeke. “Kufanele sibhekane nenye inkomishi. “Kufana nephupho kimina ukuba yingxenye yalo mqhudelwano (iCarling Cup) ngoba umuntu ubehlale ebukela amakilabhu amabili. “Ikilabhu yethu iyakhula, buka nje siyodlala umqhudelwano omkhulu kangaka ezweni. “Sizozama ukuzibuyisa ngalo mqhudelwano, mhlawumbe singagcina siyiqukula inkomishi ,’’ kusho uMakhaula. URomain “Fohloza’’ Folz ololonga uSuthu, uthi bazokwenza konke okusemandleni ukunqoba le nkomishi. “Ngeledlule asiwutholang umphumela ebesiwulangazelele kodwa kulokhu sizokwenza okusemandleni. “Lo mqhudelwano uzositshengisa ukuthi yini esingayenza emqhudelwaneni wosuku.


“Siyajabula futhi siyaziqhenya ngokuba yingxenye yawo,’’ kusho uFolz. Isikimu samaZulu FC esivotelwe ngabalandeli siboshelwe kanje: Unozinti: Veli Mothwa. Abasemuva: Thembela Sikhakhane, Ramahlwe Mphahlele, Riaan Hanamub no-Abbubakar Mobara. Abasesiswini: George Maluleka, Siphesihle Maduna, Msindisi Ndlovu noMakhehleni Makhaula. Abagadli: Gabadinho Mhango noLehlohonolo Majoro. Isikimu seSundowns sona simi kanje: Unozinti: Ronwen Williams. Abasemuva: Thapelo Morena, Grant Kekana, Rushine de Reuck noKhuliso Mudau. Abasesiswini: Themba Zwane, Andile Jali,Gaston Sirino noMarcelo Allende. Abagadli: Cassius Mailula noThabiso Kutumela.

Previous articleUchaza ngothando noMdlokombana
Next articleKUGWAZWE KWABULAWA UMFUNDI KA-MATRIC