Bafuna ukwengeza abameli uma bebuyiselwa kuleli abasolwa koluka-AKA

147

THANDOLUHLE NGUBO

UCELE ukunikwa isikhathi esingangamasonto amabili uMnu Sivesonke Ngwenya omele izelamani zakwaNdimande eziboshwe eSwazini mayelana necala lokubulawa kwesihlabani se-hip-hop uKiernan “AKA” Forbes nomngani waso, Tebello “Tibz” Motsoane. UNgwenya – omele uSiyabonga Ndimande noMalusi Ndimande, abebevele namuhla eNkantolo yeMantshi yaKwaManzini, eSwazini – uqinisekise ukuthi uwatholile amaphepha avela eNingizimu Afrika mayelana nesicelo sokubuyiselwa kwalezi zelamani kuleli, wabe esecela ukuba ukulalelwa kwecala kuhlehle ukuze acubungulisise lawa maphepha anamakhasi awu-254.

Uthe ngemuva kokuwacubungula, uzophuma nesinqumo sokuthi uyaphikisana noma uyavumelana nokubuyiselwa kwalezi zelamani. Umshushisi wecala, uMnu Macebo Nxumalo, utshele inkantolo ukuthi umbuso kawuphikisani nesicelo sikaNgwenya, waveza ukuthi bavumelene ngokuthi leli cala libuyele enkantolo ngomhla ka-9 kuMbasa (April) nonyaka, okuvunywe yinkantolo. UNgwenya uveze nokuthi ukhulumile namakilayenti akhe, amtshela ukuthi anesicelo sokuqinisa ithimba eliwamele ngabameli ababili – uma kuwukuthi abuyiselwa eNingizimu Afrika.
“Laba bameli nguMnu Mduduzi Mabila – odabuka khona eSwatini, oyingxenye yabalalele leli cala kusukela laqala – noMnu Jimmy Howse SC. Sisaphothula izingxoxo nalaba bammeli njengoba kunamaphepha esilindele ukuthi bawafake,” kusho uNgwenya.

Previous articleUShabba nenselelo kwabakwaMotaung ngeChiefs
Next articleKukhonjwe ngenjumbane abesilisa abangaziphethe kahle kukhulekelwa iPhasika