Bagculisekile kugwetshwa ibhantinti elabulala indodana yabo

264

SKHOSIPHI MTHEMBU

“INDODANA yami yabulawa ngingakalivuli nelayisi eyayingithengele lona.” Lawa ngamazwi kanina wowesilisa waseMfekayi, eMtubatuba, owagwazwa wabulawa yibhantinti mhla ka-22 kuMandulo (September) nyakenye, eMacekeni, eMpangeni ngoba limsola ngokujola nentombi yalo.

UNkz Thembani Shabalala ukusho lokhu ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseMtubatuba igwebe udilikajele uSifiso Nkosinathi Dlamini (36) ngecala lokubulala uPhakamani Shabalala (osesithombeni). Kubikwa ukuthi uNkosinathi ugwetshwa nje, akaqali ukuboshwa njengoba eke wagwetshwa iminyaka emibili ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza, esigamekweni esenzeka ngo-2016, eJozini.
Kubikwa ukuthi wagenca walimaza kanzima owesifazane ayethandana naye ngoba engafuni ukwaliwa.

Emuva kokuba esededeliwe ejele, wafudukela eMpangeni, lapho wafike waba nobudlelwano nowesifazane, obugcine buphelile. Kuthiwa ube esesola ukuthi lona wesifazane usenobudlelwano nomufi. Kuvele ukuthi ngosuku agila ngalo lo mkhuba, waya lapho kuhlala khona intombi kamufi, eyofunaukwazi lapho eqashe khona.

Kuthiwa wafika khona wazenza umuntu onesipho afuna ukusinikeza uShabalala. Wagcina etholile ukuthi uhlalaphi. Wanikela khona, wamcuthela, wamgwaza amanxeba awu-7, washonela endaweni yesigameko.

UNkz Shabalala utshele ILANGA ukuthi yize ingeke isavuka indodana yakhe, bewumndeni bagculisekile ngesigwebo esitholwe nguNkosinathi. Uthe kasikasuki emehlweni isithombe sesidumbu sendodana yakhe, sinenqwaba yamanxeba okugwazwa.
Ubonge amaphoyisa aseMpangeni, ikakhulu umphenyi wecala, athe ubesebenza ngokuzikhandla futhi ebazisa ngokuqhubeka kwecala.

Previous articleUmculi uLinric Toto uqhakambisa ubu-Afrika phesheya kwezilwandle
Next articleAbavoti mabahlolisise amaqembu abawavotelayo