Bagcwele phama eMabhida abalandeli bakaKhongose

95

 

 

BHEKI NDLOVANA

Bangangezimpethu zendlovu abantu asebethelekele eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, lapho kwenzelwe khona umbuthano we-African National Congress iMayihlome Rally. Inkundla ingcwele phama. Kulo mcimbi i-ANC izokwethula umqulu wezethembiso zayo zokhetho, kanti uMengameli Cyril Ramaphosa nguyena ozokwethula inkulumo yosuku.
Ezokuphepha ziqiniswe kakhulu – amaphoyisa atshalwe cishe idolobha lonke nasenkundleni. Kuvalwe eminye imigwaqo ikakhulukazi ekude buduze nenkundla ngenhloso yokugwema isiminyaminya.

Previous article“Abantu bayayithanda i-ANC” – Ramaphosa
Next articleI-ANC ithembisa ukuphucula isimo sezinga eliphezulu lezindleko zokuphila ezweni