Baguqise izingwazi abakamgqumeni

1015
UNelisani Mseleku noSakhiseni Mseleku beqembu, Abafana bakaMgqumeni

MTHOBISI SITHOLE

LIGUQISE omakadebona emcu-lweni wesintu iqembu likamasikandi, Abafana BakaMgqumeni, eligoduke nendondo yeBest Masikandi Album, kwiSouth African Music Achievements Awards (Sama) ngempelasonto, libe lingaqali. 

Leli qembu linqobe nge-albhamu yalo ethi “Imfene Kamakhe-lwane”, liguqisa uThokozani “Somnandi” Langa, Imithente, uPhuzekhemisi neChwane Lebhaca. 

Umholi walo, uNelisani “Jezekhulu “ Mseleku, uthi uma ecabanga lapho besuka khona, behlukumezeka kumasikandi, ufikelwa wusizi ngenxa yokuthi endimeni kamasikandi bekunezimbangi zabo ebezizama ukuqeda ngaleli qembu. Uthi bebeqo-kwa bengaphumeleli, bebhinqwa. 

“Okwenzekile bengingakulindele ngenxa yokuthi besiqhudelana namaciko ahlonishwa kakhulu futhi aseke ayithola le ndondo eminyakeni edlule. Bonke ebesiqhathwe nabo ngibathatha ngokuthi siyalingana ngokwama-albhamu ebesiqhathwe ngawo,” kusho uNelisani. 

Ubonge ukwesekwa kwabo. “Ukunqoba kwethu nangesikhathi esibi sokhuvethe, kusenze sazibona ukuthi sisacula singamaciko, ngoba impilo esiyiphilayo kasisayazi ukuthi isishonisa emuva noma phambili. 

“Sesikwenzile okuningi emcu-lweni ngokunqoba emiqhudelwa-neni, ngalokhu-ke sekusobala ukuthi sinazo zonke izikhali zokubuyisela ubukhosi bukamasikandi endlunkulu (ngaphansi kwamaqembu kaKwakhe “Mgqumeni” Khumalo, iBhova likaDikadika). 

“Ngiyabonga kubo bonke abebesibambele ubukhosi bukamasikandi. Sesikulungele ukubu-yisa ubukhosi beBhova kumasikandi,” kusho uNelisani.

Phakathi kwezindondo esezi-nqotshwe yileli qembu, kubalwa ezamaSama ezimbili, iBest Masikandi Album kumaCrown Gospel Awards, Amantshontsho kamasikandi Awards neBest Artist of the Year kwiSouth African Traditional Music Awards (Satma) ngo-2019. 

Phakathi kwamazwe eliwava-kashelile ngenxa yomculo walo, kubalwa iRussia – liweliswa wuMnyango wezobuCiko namaSiko eMpumalanga – laya nasesiqhingini iSeychelles.

Amanye amaciko aphumelele kumaSama, yilawa:-

I-Best Female Artist of the Year: 

Sho Madjozi – What A Life

Male Artist of the Year: Kabza De Small – I Am The King of Amapiano: Sweet & Dust

Best Rock Album: Orange Sunshine – Yum Yuck

Best Pop Album: Tribes & Angels: Locnville

Best Pop Album: Twentig 20 – Brendan Peyper 

Best Adult Contemporary Album: Rise – Ndlovu Youth Choir

Best Alternative Album: Iimini – Bongeziwe Mabandla

Best R&B/Soul Album: Uhambo – Soul Kulture

Best Hip-Hop Album: Zulu Man With Some Power – Nasty C

Best Kwaito Album: Ama Roto EP – Reece Madlisa and Zuma

Best African Indigenous Faith Album: Izwi Lakho – Mandlethu Gospel Singers 

Best of Africa: Songs in the Key of Love – Berita 

Best Traditional Album: What a Life – Sho Madjozi. 

Best Maskandi Album: Imfene kaMakhelwane – Abafana Baka Mgqumeni

Best Jazz Album: Modes of Communication: – Nduduzo Makhathini

Best Afropop Album:  Ngumama – Vusi Nova 

Best Collaboration:  Mali Eningi  – Big Zulu. 

Previous articleBanukane bodwa kuhlaselwa usihlalo
Next articleKutholwe isidumbu sephoyisa sishisiwe