Bagxeka abakamasikandi ngokungabeseki

980

Enkantolo bekukhona namaciko aqhamuka eGauteng

LUCKY CAIN

BAKHALA ngokungabonwa nangalukhalo kozakwabo bakamaskandi emkhankasweni wamaciko wokuphoqa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba avule imicimbi yobumnandi omasikanda abebeyingxenye yamaciko abeseNkantolo yeMantshi yasePinetown izolo ngoLwesithathu eyokweseka ozakwabo abawu-32 ababoshwa ngeledlule ngesikhathi bebhikisha, bevale umgwaqo owuthelawayeka, uN3.

La maciko abekwe icala lokuhlangana ngokungemthetho. Amanye amaciko abephume ngobuningi ukuyokweseka ozakwabo, phakathi kwawo bekukhona naqhamuka kwezinye izifundazwe, ikakhulukazi iGauteng. Abaculi bakamaskandi uQhoshangokwenzakwakhe Sibisi noThokozani “Somnandi” Langa, bebeyingxenye yabebephume ngobuningi. bazwakalise ukukhathazeka ngokungaphumi ngobuningi kwabanye omaskanda. 

UQhosha uveze ukuthi ngeledlule nguyena kuphela umculi kamaskandi owabe ekhona ngesikhathi kunalo mbhikisho. 

“Kuyathokozisa ukubona ukuthi bakhona abanye namhlanje (izolo) ukuzokweseka lo mkhankaso obalulekile kithina njengamaciko. Nakuba kunjalo, kuyangikhathaza ukuthi abanye ozakwethu kasibaboni ekubeni uma sekuvulwe izwe, sonke sizohlomula,” kusho uQhosha ebonga ukubakhona kukaNtencane, uSomnandi, uBuselaphi noGadla.

 Uthi yibona kuphela omaskanda abebekhona, kanti bekungabakuhle nabanye baweseke lo mkhankaso, bangahambeli kude. Uveze ukuthi isikhathi esifana nalesi, yilapho kumele kubekwe eceleni ukungezwani kwabaculi kodwa kukhulunywe ngazwilinye njengoba amaciko ebhekene nobunzima ngalesi sikhathi sokubhebhetheka kweCoronavirus. 

USomnandi ukhale ngokuba nempakamo kwabanye abaculi bakamaskandi. Uncome ukubumbana kwamaciko ezinye izinhlobo zobuciko nomculo. 

“Uyabona okwenziwa ngamanye amaciko kuhle, kungangcono ukuthi nalaba esinabo kumaskandi baphume ukuzoba yingxenye yalo mkhankaso, kodwa ngenxa yokuthi sinabaculi abazithwele, ngeke ubabone behambela imikhankaso efuze lo ngoba bazibona bengcono,” kusho uSomnandi. 

Kwabebeqhamuka eGauteng ukuzokweseka lo mkhankaso, bekukhona no-Oskido oncome ukuhlangana okuhle kwamaciko aKwaZulu-Natal, akhulume ngazwilinye. Unxuse amaciko ukuba angapheli amandla, aqhubeke nokulwela amalungelo awo kwazise nezinye izifundazwe seziqalile ukusika iphethini ngokwenzeka kulesi sifundazwe. 

Ngaphakathi enkantolo, akuphelanga imizuzu ewu-5 abasolwa bemile phambi kwemantshi njengoba ivele yalihlehlisela umhla ka-23 kuMfumfu (October) icala. Ummeli wamaciko, uMnu Siphiwe Mncwango, uthe icala lihlehliswe ngenxa yokuthi kumele benze izethulo phambi kwemantshi zokuthi kungani kumele lihoxiswe. 

Uthe ngeke angene emininingwaneni mayelana nezethulo abazozenza ngenxa yokuthi icala lisaqhubeka. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesithathu olwedlule kwama nse ukuhamba kwezimoto ku-N3 ngasenxanxatheleni yezitolo, iPavilion, eWestville, ngesikhathi amaciko ewuvalile eqhulula izingoma ephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi #vula-president, 70% enxusa ukuba kuvunyelwe lesi sibalo emicimbini. 

Lokhu kwadala esikhulu isiphithiphithi njengoba abanye abantu bazwakalisa ukunengeka ngalesi senzo samaciko, bekhala ngokunya-thelwa kwamalungelo abo ngokuvalwa kwalo mgwaqo omkhulukazi obalwa nemigogodla yomnotho wezwe.

Previous articleIkhehla nesalukazi bakhishiswe okwezingcanga endlini yomndeni
Next articleIsicelo se-Chiefs kubalandeli ngomqeqeshi omusha