Bahlangane nezimbila zithutha abasolwa “abebeyobulala”

178

INTATHELI YELANGA

BAHLANGANE nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili abasolwa abawu-5 okubikwa ukuthi bayathinteka ezigamekweni zokubanjwa kwezimoto ezithwala imali, wukubulala – ikakhulukazi okuthinta imboni yezokwakha – njengoba abane babo bedutshulwe babulawa ngamaphoyisa emgwaqweni uMoses Kotane, e-Overport, eThekwini, namhlanje ngoLwesithathu. Amaphoyisa athi kusolwa ukuthi abasolwa bebesendleleni beyobulala owesilisa thizeni nonogada bakhe ababili ngesikhathi benqwamana namaphoyisa, kwasuka uthuli lwezichwe kududulwana ngenhlamvu.

Omunye wabasolwa usindile, waboshwa eselimele. UCol Robert Netshuinda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe ithimba lamaphoyisa belilokhu lilandela umkhondo wabasolwa abebefunelwa amacala ahlukene, okubalwa kuwona ukubamba izimoto zemali nawokubulala. “Amaphoyisa abavimbezele emgwaqweni uMose Kotane, abayalela ukuba bame. Umshayeli uwushaye indiva umyalelo wamaphoyisa, emuva kwalokho abebephakathi bawaqhulula ngenhlamvu ngesikhathi imoto idla amagalani. Kube sekudutshulwana.

“Lokho kuholele ekutheni imoto yabasolwa ishayise udonga ekhoneni lomgwaqo uMoses Kotane noBarns. Umsolwa wesihlanu uphume imoto ihamba, wadutshulwa, walimala. Utholwe nesibhamu, waboshwa,” kusho uNetshuinda. Uthe isibalo sezibhamu ezitholwe emotweni yabasolwa sizoqinisekiswa uma sekuphothulwe uphenyo. “Nokho amaphoyisa angakuqinisekisa ukuthi esinye sezibhamu ezitholakele, kukhomba ukuthi ngesephoyisa,” esho. 

Previous articleUNyazi luzwakalise ubuhlungu lubuyisa abefundisi abebexoshwe yinhlalisuthi
Next articleIphinde “yaphoxa” iSARB ngenzalo yemalimboleko