THANDI ZONDI
BAHLOMISANE ngolwazi bevala inyanga yabo abesifazane abebehambele i-2nd Annual Ukhozi FM High Tea with Lady D, ngoMgqibelo e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini. Phakathi kwezicukuthwane ebezihambele lo mcimbi ngosomabhizinisi uShauwn Mkhize, uThandi Ngxongo noNomfundo Mcoyi; usaziwayo uMinnie Dlamini neQwabe Twins eculayo.
UNomfundo ongumsunguli weCebolethu Funeral Group, weluleke ngendlela yokuziphatha emsebenzini, wathi kunenkolelo yokuthi abesifazane baphatha ngemizwa.
“Uma uthi uyabeka ngokungahambi kahle njengowesifazane, kuvele kuthiwe yingoba ungowesifazane. Kunzima, abantu besifazane basacindezelekile, ikakhulukazi uma usembonini egcwele abesilisa, kumele usebenze ngokuphindwe ngaphezu kwabo,” esho.
Uthe ngesikhathi efika embonini yabangcwabi, wayebukelwa phansi. Uqhube ngokuthi yize kunjalo, uma ungowesifazane ungazitsheli ukuthi uyolwa nabesilisa, kumele uhlakaniphe ngokuthi wenze kangcono umsebenzi. Ubalule nokubaluleka kokusebenzisana nabanye abantu ukuze kwakhiwe amabhizinisi angeke awe.
UDkt Nomcebo Mthembu – owethula ezaseLawini kuKhozi FM – ukhulume ngokubaluleka kokuthi owesifazane asazi isitho sakhe sangasese. “Yekani ukufaka izinto esithweni sangasese ngoba nithi nifuna some. Ebantwini abamnyama kunale nto yokuthi uma isitho sowesifazane simanzi, kuyihlazo, kepha kwezinye izizwe kuhle. Leya nto kayidalelilwe ukuba yome futhi iyazihlanza. Zithande, musa ukuzahlulela ngesitho sakho,” esho.
UThandi ongumnikazi we-BP Garage ngaseBerea Centre, eThekwini, ukhulume ngokubaluleka kokuba nesibindi ebhizinisi. Uthe akuyona into elula ukuthenga igaraji eNingizimu Afrika, kumele wazi ukuthi ufunani, kanti-ke kubalulekile nokonga imali. “Ngikhula ekhaya, umkhulu wayethi masiyibeke imali – yayingadliwa yonke. Ngayibeka yaze yahlangana, ngase ngingena ebhizinisini,” esho.
Eyala abesifazane, uthe kumele bazifundise ukuthembeka nokusebenza kanzima, “Kubalulekile ukuthi sibe nomqondo wokuphumelela singabesifazane. Ngisho ngabe yini uNkulunkulu akuphe yona – umsebenzi noma ibhizinisi – kwenzisise ngoba sibhekiwe singabesifazane. Kuba sengathi sintekenteke, kanti siyayazi into esiyenzayo,” kusho yena. Uveze ukuthi wayesefuna ukushiya phansi ebhizinisi, uNomfundo wameseka, ethi angaphumi ebhizinisini.
UDkt Dudu Mthuli wakwaKnorrox ukhulume ngokungatholi umsoco owanele kwabanye kwabantwana eNingizimu Afrika – othola ukuthi bayakhula kepha kabakhuli ngendlela efanele noma egculisayo.
Bobali odokotela – uDkt Mthembu noDkt Mthuli – babalule ukubaluleka kwezithelo eziwu-5 ngosuku, ukujovwa kuka-vitamin A namaphilisi egazi (iron), ubhontshisi otshalwayo, u-beetroot nesibindi, nezinhlamvu zethanga kwi-zinc.