Bajabulela ukuvela kweCovid kwabePSL

122
Udokotela weSafa uthi lokhu kuzokwenza kusheshe izinto

MFANAFUTHI NDLOVU

KAYETHUKILE iSouth African Football Association (Safa) ngokuvela kwabadlali abaneCovid-19 esalokhu iqhubeka nokudlula nemiphefumulo yabantu emhlabeni.

Imidlalo ye-Absa Premiership imisiwe kusukela ngoNdasa (March) ngenxa yalolu bhubhane. Amakilabhu asegunyaziwe ukuziqeqesha, kodwa kunemibandela okumele ayilandele ngaphambi kokwenza lokhu. 

Aseqalile ukuhlolela abadlali lo mkhuhlane nokungenye yemibandela. Silokhu sanda isibalo sabadlali okuvela ukuthi banalo mkhuhlane.

Kumakilabhu osekuvele ukuthi abanye babadlali bawo batheleleke ngalesi sifo kubalwa iKaizer Chiefs, iStellenbosch FC, iBloemfontein Celtic abadlala kwiPremiership, iTS Galaxy neSwallows FC kwagijima kwiGladAfrica Championship. UBen Motshwari we-Orlando Pirates ube ngumdlali wokuqala kanobhutshuzwayo wakuleli okuvele ukuthi unalo mkhuhlane. Okuhle ngaye wukuthi useluleme.

UDkt Thulani Ngwenya ongudokotela weSafa, uthe kabanakho nokuncane ukwesaba ngokuvela kwabadlali asebenaleli gciwane.

“Kakusethusi ukuvela kwaba-dlali abanalo mkhuhlane. Kuhle ukuthi basheshe bavele ukuze banikwe isikhathi sokuzivalela nokwelashwa. 

“Inhloso yethu wukuthi abadlali bangahaqwa yilo mkhuhlane sekuqale imidlalo. Kuhle bavele manje ukuze imidlalo ingaphazamiseki isiphakathi.

“Sijabule ngoba uhulumeni usesivumele ukuqala ukujima nokudlala. Amakilabhu asazophinde ahlole abadlali. Kuningi okumele sikwenze ngaphambi kokuqala ukudlala. Kumele kuhlanzwe izi-ndawo zokujima ngokugcwele futhi kuqashwe namaCompliance Officer. Abadlali kakumele bashintshisane ngamabhodlela okuphuza amanzi. Lokhu kusho ukuthi kumele kwandiswe isibalo sawo,” kusho uNgwenya.

Uthi bazoqinisekisa ukuthi imidlalo isongelwa endaweni ephe-phile. Uthi ngeke iyiswe ezinda-weni ezikhahlamezeke kakhulu ngenxa yeCovid-19.

U-Adv Tebogo Motlanthe oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiSafa, uthe kalukabhungwa ngokujulile udaba lwe-ABC Motsepe League. Uthi bayafisa ukuthi imidlalo yalesi sigaba iqedelwe ukuze imidlalo yokuhlunga yamaNational Play-Offs ingapha-zamiseki.