Bajikijele umqeqeshi becikwa yisibhaxu

492

U-Arthur Zwane ushaywe ngesigubhu sokuphuza amanzi ebusweni

MFANAFUTHI NDLOVU
BABHODLA umlilo abalandeli beKaizer Chiefs ngokugqoza kwezicoco kule kilabhu osekuphele amasizini ayisishiyagalombili ishwiba izandla. Ukudinwa kwabo abalandeli bakukhombise ngoMgqibelo le kilabhu iguqiswa yiSuperSport United ngo-1-0 eRoyal Bafokeng Sports Palace Stadium, eRustenburg. Emuva kwalo mdlalo, abanye babathandi beChiefs bajikijele umqeqeshi u-Arthur “10111” Zwane esephuma enkundleni, washaywa ebusweni yisigubhu sokuphuza amanzi. Lokhu kuholele ekutheni lo mqeqeshi angasihambeli isigcawu sabezindaba. UDillon Sheppard, oyisekela likaZwane, uvumile ukuthi lo mqeqeshi akezanga esigcawini sabezindaba ngenxa yokulimala eshaywa ngesigubhu ebusweni.

USheppard naye uzwakalise ukuphoxeka ngokungabuyi namaphuzu aphelele kwezakhe kulo mdlalo obekuzoqinisa ithemba labo lokungena emidlalweni yeCaf ngesizini ezayo. Uthi bazamile ukwakha amathuba, kwala khona ukuthi inhlanhla beyingekho. “Okwenze ukuba uZwane angabikhona wukuthi omunye wabalandeli ujikijele isigubhu sokuphuza amanzi samshaya ebusweni. “Kumanje ngimshiye ezinesa ngamaqhwa ukudambisa izinhlungu. “Nokho sesibheke lo mdlalo wethu wokusonga isizini neCape Town City ekhaya okumele siwunqobe ngoba umqoka. “Kumele senze isiqiniseko sokuthi ibhola siyaligcina, siphinde siphaselane kahle, amathuba esiwakhayo siwasebenzise ngendlela. “Siyakuqonda ukuthi abalandeli bekilabhu kabaneme ngemiphumela.


“Yithina okumele sijike izinto,” kusho uSheppard. Kuthintwa uBobby Motoung, oyisikhulu esiphezulu kwiChiefs ucele, ukuba abuye athintwe njengoba ethe uxinekile lapho ebekade ekhona, ngokunjalo noVina Maphosa, wezokuxhumana kwiChiefs, ukhale esifanayo. Nokho ILANGA lingakuveza ukuthi abenzi bobubi bagcine bekhalelwe ngamasongo kaSigonyela kanti kulindelwe ukuba bavele enkantolo yaseRustenburg namuhla. Into efana nalena kayiqali ukwenzeka kwiChiefs njengoba ngo-2009 uSteve Komphela, owayecija le kilabhu, waphuma ngesamagundwane emuva kokuguqiswa yiGalaxy eMoses Mabhida Stadium kowamanqamu weNedbank Cup.

Previous articleLizibonaliyisahlulekiiphoyisa elabulawelwa umndeni
Next articleBagxumeke “imijondolo”phambi kwesiqiwu