Bakhala ngendawo ‘esiyisilaha sabantu’

921

Kuthiwa abaqotha izisulu babhala ezinkundleni zokuxhumana ngabazolandela

AMAPHOYISA ebambisana ngesidumbu somunye wabesilisa ababili, onguMnu Sabelo Mbatha noMnu Thandanani Qwabe ababulawe bezihambela emgwaqweni eSiza ngaseNguqa, eShowe, ngoLwesihlanu. ISITHOMBE NGU: NHLANHLA PHILLIP GUMEDE.

THANDEKA NGOBESE
ASELELE kuMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi amathemba ezakhamizi zaseNyezane, eGi ngindlovu nezaseNguqa, eShowe, ezidliwa yingebhe ngenxa yezigameko zokudutshulwa kubulawe abantu, abanye banqunyiswe okwezimbuzi. Bangaphezu kwabayisithupha abantu asebebulewe. Izakhamizi ezithinte leli phephandaba, zifuna uLt Gen General Mkhwanazi atshale amaphoyisa azophenya lezi zigameko. Zithi ngeledlule kutholakale isidumbu sikasomabhizinisi obaziwa ngoMnu Jabulani “Mjey” Mpungose obekhanda omakhalekhukhwini edolobheni eShowe, sinqunywe sasuswa ikhanda.


UMnu Mpungose ulandela uMnu Sthembiso Sibiya waseWombane, khona eShowe, okuthiwa isidumbu sakhe satholwa sinqunyiwe emuva kwezinsukwana enyamalele. Abasolwa ngokumsoconga kuthiwa babhala ekhasini lomphakathi elaziwa ngelezaseShowe Crime and Community Info, bathi baningi abasazolandela uMnu Sibiya. Ngesikhathi ILANGA lilandela lolu daba ngoLwesihlanu, lizithele kwesinye isigameko esenzeke eSiza ngaseNguqa lapho kudutshulwe khona uMnu Sabelo Mbatha noMnu Thandanani Qwabe, okuthiwa ngabantu abebebalandela bezihambela ngezinyawo.


“Sesiyasaba, kasisazi ukuthi kungeneni eShowe. NgoLwezi (November) kwadutshulwa iNkosi yesizwe sakwaBiyela, uHlanganani Biyela eDlangubo. Sathi sisathuswe yilowo mhlola, kwadutshulwa uMnu Chithamandla Mpungose. “Okusethuse nakakhulu, yilezi zinto abazibhala ezinkundleni zokuxhumana, bethi baningi bayalandela, inkinga kasazi ukuthi ngubani ozolandela. Sebekusukela emini kwabha bakudubule njengoba benzile kulaba abadutshulwe eSiza bezihambela nje ngezinyawo, “ kusho umthombo. Omunye umthombo oficwe yi LANGA lapho kudutshulwe khona uMnu Mbatha noMnu Qwabe, uthi abafi bebezwana kakhulu noMnu Mpungose okutholwe isidumbu sakhe sinqunyiwe.


“Okungenzeka ukuthi izizathu zokubulawa kwabo zihlobene. Uma amaphoyisa ethatha isikhathi ukuthola ababulali, siyesaba ngoba kasazi kuzolandela bani njengoba lingasapheli isonto kungabulawanga muntu,” kusho umthombo. INkosi Themba Zulu yaseShowe, ithe bakhathazekile bewubuholi endaweni njengoba isiphenduke isilaha sabantu. “Isonto nesonto kubulawa abantu. Bengithi kuleli sonto elizosombuluka ngiya emaphoyiseni ngalolu daba. Senenze kahle nangithinta ngoba uma niyisakazile le ndaba, izofinyelela kuNgqongqoshe waMaphoyisa, uMnu Bheki Cele.


Inkosi (yakwaBiyela) yabulawa emzini wayo ifika, izingane zisathula izimpahla emotweni, bayidubula. Yize laba abanye ababulelwe kuthiwa bebeganga, kodwa bekufanele baboshwe, hhayi ukubulawa,” kusho inkosi. Ithe ngoMsombuluko yayisemhlanganweni wamakhosi, yabuya sekwebiwe umabonakude. “Kugcwele ubugebengu nobulwane, amaphoyisa akubukeki ezisukumela lezi zigameko,” kusho iNkosi Zulu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe esigamekweni sokubulawa kwenkosi bakhona abasolwa ababili ababoshiwe, kwezinye izigameko amaphoyisa asaphenya.

Previous articleKugqabuka igoda kuShwi noMtekhala?
Next articlePhendula ikamelo lokulala ihhotela