Bakhala ngoFata ‘ophuce amandla’ ikomidi elibhekelele imali yebandla

355

THANDOLUHLE NGUBO

AKHALA ngomfundisi ‘ophuce amandla’ ikomidi elibhekelele imali yebandla amalungu ebandla la-Roma i-Holy Cross Catholic Church, eGingindlovu, ngaphansi kwe-Diocese yase-Eshowe.

Leli phephandaba lithole ngomthombo walo ongaphakathi kuleli bandla, oveze ukuthi bengamalungu ebandla bakhathazekile ngendlela uFata uSizwe Zuma ofike kule mishini ngo-2022 asingethe ngayo imali yebandla, futhi ongasayihlalisi imihlangano yanyanga zonke njengenqubomgomo yebandla.

Uthi kule mihlangano kusuke kulindeleke ukuba ikomidi licacisele umfundisi ngemali eyenziwa yibandla ngeminikelo nangeplazi lomoba eliphethwe yile mishini, kodwa ebandleni labo umfundisi ‘uliphucile’ amandla ikomidi njengoba evimba ukubizwa kwemihlangano nemali yengamelwe nguye. Umthombo uthi okuthusa kakhulu amalungu abendla ukuthi omunye wabefundisi owayebekwe kule mishini phambilini wenza okufanayo, wagcina eshiye ibandla nesikweletu esingaphezu ku-R280 000 okwakumele sikhokhwe ngamalungu ebandla.

“Ngokwenqubo yebandla lethu, njalo ngenyanga kuba nemihlangano nekomidi lebandla esuke izocacisa ngokusebenza kwemali, kanye nenqubekela phambili yebandla. Umfundisi uZuma ufike kule mission ngo-2022, kodwa le mihlangano yanyanga zonke isahlale kabili selokhu afika. Okukhathaza kakhulu ukuthi phambilini sasinomfundisi oweyenza njengaye uZuma nokwathi uma esehambile, sathola ukuthi ushiye isikweletu sika-R288 000 kwa-Eskom, okwamele sikhokhwe yithi njengamalungu ebandla ngoba uEskom wayesefuna ukudla indlu yebandla,” kuchaza umthombo.

Uthi okunye okubakhathazayo yindlela isekela lika-bhishobhi obhekelele i-Diocese yabo athathela phansi ngayo lolu daba njengoba sekuyophela unyaka abikelwa ngalo, kodwa kungekho zinyathelo azithathathayo.
“Ukukhathazeka kwethu saze sakudlulisela kwisekela lika-bhishobhi uFata David Mthiyane, ngoNtulikazi (July) wonyaka ophelile wathembisa ukuthi uzowuhlalisa umhlangano ophakathi kwamalungu ebandla, ikomidi, kanye naye uFata kudingidwe lolu daba kodwa kuze kube yimanje awukaze uhlale lowo mhlangano. Siyafisa ukucaciseleka kabanzi singazitholi sesikhokha isikweletu esingasazi njengangesikhathi esedlule,” esho.
USikhama (Treasury) wekomidi lebandla uMnu Johannes Ndlovu ukuqinisekisile ukuthi uyalwazi udaba, kodwa wacela leli phephandaba ukuba libuye limshayele ucingo.

ILANGA likhulume nomfundisi uZuma wakule mishini oveze ukuthi akukho angakusho kwabezindaba kulolu daba.
“Ezinye izinto ezithinta ibandla, asivumelekile ukukhuluma ngazo emphakathini, kuyaye kube yizinto ezigcinwa phakathi ebandleni, ngakho ke kulolu daba akukho engingakuphawula,” kuphetha uZuma.

Imizamo yaleli phaphandaba yokuthola isekela lika-bhishobhi uFata Mthiyane, okuthiwa wabikelwa ngalolu daba iphunzile, njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Previous articleKuhlonyiswe abaka-matric ngolwazi lwemikhakha
Next articleKwethulwe izinhlelo zokuxazulula inkinga yamanzi KwaNongoma