Bakhala ngokaMajola abagiliwe

1092

Abanye abagilekile bathi bangena nezicabha ehhovisi beyofuna imali yabo

NOMFUNDO NGWANE

BABHODLA umlilo abantu okucwile imali yabo kumasingcwabisane okuthiwa usebenzisana nomfundisi ophinde abe ngumculi we-gospel odumile, u-Andile KaMajola, (osesithombeni)
osedolobheni eThekwini, owaziwa ngeZesuliwe Dignified Funeral Services.
Kumanje kulenga ingidi emahhovisi alo masingcwabisane, kusetshenzelwa emgwaqweni.
Uma abantu befika beyokhokha noma beyocela usizo, bafica isisebenzi sakhona sime emnyango ovaliwe, silinde ukubasiza.
Lo masingcwabisane oneminyaka engaphezu kwemibili, uqale ukuzwakala emisakazweni ukhangiswa ngu-Andile enunusela abalaleli ngamanani aphansi nangezinto eziningi abazenzayo uma umuntu eshonelwe.
Iningi labantu lithi lijoyine lo masingcwabisane ngoba lithanda ukuthi ngoka-Andile. UNkk Gugu Khumalo, waKwaMashu – obekhuluma neLANGA ethukuthele, uthe usenonyaka ewujoyinile, ekhave wonke amalungu omndeni wakhe.
Uthi ubekhokha u-R375 njalo ngenyanga, ikhava abeyithathile ibithi uma kushona owomndeni uzothola inkomo, ibhokisi, ukudla, amakhaza, itende namabhasi amabili. Ngomhla ka-30 kuLwezi (November), uthi kushone umyeni wakhe, uMnu Sipho Khumalo, edlulela esibhedlela.
Uthi ubikele abakwaZesuliwe ngomshophi ukuze bezolanda isidumbu esibhedlela bayosigcina emakhazeni abo, okube wumzukuzuku ukuba silandwe.
Nakhona uthi kuze kwafika abanye abantu abathe baqhamuka kwenye inkampani bayolanda isidumbu.

Utshele ILANGA ukuthi ubengazi nokuthi abakwaZesuliwe kabanawo amakhaza, izidumbu bazicelela kwabanye abantu. Indaba uthi iqale uma sekumele kuyokhethwa ibhokisi elilingene nemali abeyikhokha, kwasuka inkinga waze wagcina esenikezwa okungelona.
Inkomo yokuphelezela umyeni wakhe obekumele ayithole, kuze kwafika usuku lomngcwabo ingafikanga. Ngisho itende lize lafika ngoLwesihlanu ntambama nakhona eseze waqasha elinye kwenye indawo. Amabhasi kufike elilo-dwa, nakhona esebancenga ukuthi okungenani bamnike lona ngoba esebona ihlazo.
“Ngiyobakhohlwa ngifile laba bantu, bangigile igoda. U-Andile ubengasabonwa, sesi-xhumana nendoda ebizwa ngoMdluli, nakhona uma siyifonela isikhohlise,” kusho uNkk Khumalo. UNkz Ningi Mbhele naye okhala esifanayo, uthi eshonelwe nguyise

ngoLwezi (November), ubhekane nenkinga uma sekumele amngcwabe. Uthi kuze kwafika usuku lokungcwaba bengasizaka-langa. Umngcwabo usudlulile, singene nezicabha nabafowethu emahhovisi akhona, siyofuna ukuba basikhokhele imali yethu.
“Izisebenzi zakhona zize zafonela u-Andile zithi makangenelele, akhulume nathi, asehlise umoya. ezibophezela, wathi imali uzoyikhokha, ucela sehlise umoya, singayilimazi impahla. Usifakele u-R5 000, wathembisa ukuthi enye imali uzoyifaka ekupheleni kwenyanga,” kusho uNkz Mbhele.
Ngesikhathi ILANGA lihambele kula mahhovisi, lifice kulenga ingidi, kuhleli owesilisa ozibize ngoMnu Morris Ndlela edayisa izithelo ematafuleni, wathi naye uyisisebenzi salo masingcwabisane.
Ukuqinisekisile ukuthi zikhona izinkinga ababhekene nazo, kodwa wangafuna ukwenaba, wacela ukuba kufonelwe umphathi wakhe. Uvumile ukuthi uyalwazi udaba lomndeni wakwa-Khumalo nowakwa-Mbhele, wakuqinisekisa konke okushiwo ngamalungu ayo, washo ukuthi kumanje bayazama ukuba imali yabo bayikhokhe. UMnu Ndlela uthi abaphathi bathe kukhona okulungiswayo phakathi ehhovisi, bamyalela ukuba asebenzele ngaphandle.
ILANGA lizibonele abantu befika beyofuna usizo emgwaqweni, abanye beyofuna ukukhokhela omasingcwabisane babo. UMnu Zamani Hadebe, waseMlazi okhulume neLANGA, uthe ubeyokhokhela umasingcwabisane wakhe kanti sekungokwesibili ezithela phezu kwenkinga yokuvalwa kwamahhovisi. Uthi ubengazi ukuthi laba bangcwabi babhekene nezinkinga ezingaka. Ugcine ngokuhamba engasawukhokhelanga
umasingcwabisane wakhe.
Ethintwa yiLANGA u-Andile, uzihlangulile wathi akayena umphathi weZesuliwe, kodwa uyinxusa layo futhi nguyena obezwakala emisakazweni ekhangisa ngawo. “Udaba lwakwaMbhele ngiyalwazi, ngafona kunomsindo emahhovisi, ngabuza ukuthi
ngowani, kwathiwa kunomndeni okhala ngokuthi kunomsebenzi ongenzelwanga wona kahle, kunemali yenkomo ofuna ibuyiswe.
“Ngacela ukukhulunyiswa nawo, ngathinteka uma ungitshela ukuthi le mali yenkomo ufuna ukwenza ngayo umsebenzi kababa wekhaya, ngazibophezela ngokuwukhokhela. Baqinisile, ngabafakela u-R5 000 ngoba ngenzela ukuba kuphele umsindo njengoba base befuna ukuthatha impahla yokusebenza,” kusho u-Andile.
ILANGA limbuza ukuthi kungani kuvalwe amahhovisi, uthe akanalo ulwazi, wabe eselinika inombolo yomuntu athe ungomunye wabanikazi balo masingcwabisane, uMnu Sabelo Mkhwanazi.
Eshayelwa uMnu Mkhwanazi, ukuqinisekisile ukuthi ungumnikazi wale nkampani, usebenzisana no-Andile, wathi uyazazi izinkinga ezikhona futhi uzimisele ukuxhumana namakilayenti akhe zilungiswe. Ngokuvalwa kwehhovisi, uthe banenkinga yokuvuza kwamanzi.

Previous articleBabonge uShenge ngomhlaba
Next articleUmdlali utakule umqeqeshi weChiefs