SKHOSIPHI MTHEMBU
SEWUKHALELA ukuthola ithambo lelungu lawo elathunjwa ngonyaka odlule lisolwa ngokubulala umuntu eThekwini, umndeni wakwaMthembu, eMtshezi.
Lo mndeni uthi namanje kawukutholi ukuphumula selokhu kwanyamalala uMnu Scelo Mthembu (26) (osesithombeni), owagcina ukubonakala ebhudubezwa ngabantu bemfaka emotweni, bashaya bachitha naye.
UMnu Mthokozisi Mthembu, ongumfowabo kaScelo, uthi abakufunayo bengumndeni wukuthola noma yitha-mbo lakhe uma kuwukuthi wabulawa umfowabo, kwazise sekuyophela unyaka engaziwa ukuthi ukuphi.
Uthi umfowabo ubehlala eMlazi esondezela itoho, kanti lesi sigameko simehlele esahlala khona.
“Kuthiwa umfowethu waxabana nomunye wabantu kubangwa imali, wagwaza omunye walaba ababemshaya. Emuva kokuba sekwenzeke lokhu, waphindela endlini (eseMlazi) wathatha izimpahla zakhe wahamba ngoba ubesevele ethole izinsongo, wayohlala eHillcrest. Kuhambe isikhathi kwafika abantu esicabanga ukuthi bahlo-bene nalo muntu okuthiwa wamgwaza bezomfuna eMlazi.
“Bamfica engekho endlini, bathola umuntu abehlala naye. Bathatha lona abehlala naye endlini bahamba naye, babe sebemphoqa ukuba ashayele umfowethu ucingo amtshele ukuthi naye usebalekile ucela amhlangabeze. Ukwenzile lokho bahlela ukuthi uzomhlangabeza kuphi.
“Babe sebeqonda khona eHillcrest lapho umfowethu ayebalekele khona okuthe uma eqhamuka bambhudube-za, bamfaka emotweni.
“Kuze kube manje akaphindanga wabuya, kasazi noma bahamba naye bayombulala yini,” kusho uMnu Mthembu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokuthumba elivuliwe. Amaphoyisa asaphenya.