Bakhathazekile ngonyamalele

1701

Umndeni uthi okuwuphatha kabi wukuthi ilungu lawo kaliphilile

NGUMNU Joseph Bheki Mhlongo osekuphele inyanga enyamalele.

SKHOSIPHI MTHEMBU
KUYAKHULA ukukhathazeka emndenini wakwaMhlongo,
eNtshongweni, eThekwini, ngenxa yelungu lawo osekuphele inyanga lanyamalala emuva kokuba kwasa mhlaka 8 kuZibandlela (December) lingasabonwa. Okukhathaza kakhulu amalungu omndeni kaMnu Joseph Bheki Mhlongo (59) ngokunyamalala kwakhe, wukuthi unokuphazamiseka ekhanda, ubedla amaphilisi alokhu kugula. Indodakazi, uNkz Noxolo Mhlongo, ithi sebebheke kuzona zonke izibhedlela namakhaza kodwa lutho ukumthola. Itshele ILANGA ukuthi uyise waphuma belele. “Kasazi ukuthi kwenzekani. Saze sathola sekunesikhathi ukuthi akasayi ukuyolanda amaphilisi akhe emtholampilo, saya nakhona bakuqinisekisa ukuthi ubengasawalandi. Ngosuku anyamalala ngalo, salala sonke ekhaya engenalutho.

Savuka ekuseni saqaphela ukuthi umnyango kawuvaliwe, sathi uma sibheka sabona ukuthi akekho,” kusho yena. Uthi yize uyise ebebuye abenokugula, kodwa akayena umuntu oyaye ahambe kwakhe kungaziwa ukuthi ukuphi. “Uma ngingaphosisi ubaba waqalwa wukugula ngo-2000, kodwa akayena umuntu ohamba angabuyi ekhaya noma ovele azihambele nje. Siyacela ukuthi uma kukhona ongaba nolwazi ngokunyamalala kwakhe noma omubonayo, axhumane namaphoyisa ngokushesha. “Sesimbheke yonke indawo, kubalwa nasemakhazeni kodwa kasimtholi,” kusho uNkz Mhlongo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe likhona idokodo elivuliwe ngokunyamalala komuntu. skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUKhune ugeze umqeqeshi ubebebe
Next articleINSELELO OLWAZINI OBELUKHONA NGOKUHAQWA KWEZINGANE WUKHUVETHE