Bakhiphe amangwevu kwiNgoma kaZwelonke

536

Umgqugquzeli walo mcimbi uthi ngokuzayo ufisa ubanjelwe ngaphakathi eMoses Mabhida

KWINGOMA kaZwelonke bekushikisha ufudu zibulalana ngengoma. IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

MTHOBISI SITHOLE

BEBEBULALA inyoka abantu ezinkundleni zemidlalo ePeoples Park, eThekwini, ngoMgqibelo, bejabulela ukuhlangana ngomcimbi wesintu emuva kwesikhathi eside izwe livalekile ngenxa yokhuvethe. Ngenxa yobuningi bamaqembu engoma, awazange anandise wonke njengoba kuvezwe ukuthi amaphoyisa athe akuvalwe, akuphephile ukuhlangana kwabantu isikhathi eside. Umcimbi uvalwe ngehora leshumi kanti amaqembu angagidanga alinganiselwa ku-26 kwawu-47 abekade engenelile. Kulo mcimbi bekungajajwa njengoba abahleli bomcimbi bebewenzele ukujabulisa wonke amagoso, kungekho isiteki esibekiwe. Iqembu ngalinye ebeliyingxenye yomcimbi, liklonyeliswe Mnyango wezamaSiko namaCiko ngemali engango-R16 300.


Abaculi bakamasikandi bakhombise ubambiswano, njengoba nabo bekulindekele ukuba bagide ifolo labo nakuba kugcine kungenzekanga ngenxa yokuthi umcimbi uvalwe bengakagidi kodwa bangenile enkundleni babingelela. Umgqugquzeli walo mcimbi uMnu Xolani Mcineka, ubonge uhulumeni ngokufezekisa iphupho lakhe lokuthi kwenzeke le ngoma. Utshele ILANGA ukuthi ngenxa yobukhulu balo mcimbi, uzonxenxa uhulumeni ukuba ngonyaka ozayo ubanjelwe ngaphakathi enkundleni yezemidlalo eMoses Mabhida. “Sekuneminyaka ewu-7 ngipheka ngithulula, ngicabanga ngalo mcimbi wengoma. Umuntu wokuqala engaxoxa naye ngaleli phupho wangeseka, umculi kamasikandi uSgwebosentambo.

“Ngibonga kakhulu ukufezeka kwalo iphupho nokuthi emuva kweminyaka eminingi kangaka kungekho okwenzekayo egameni lamagoso kodwa kugcine kwenzekile, okuhle okuwakhuthazayo ngobuciko bawo. “Isandla sedlula ikhanda kubona bonke omasipala abaxhase amaqembu ngezithuthi (amabhasi) ngoba balekelele kakhulu ukuqinisekisa ukuthi izindawo zabo ziyameleleka. Ngeke ngikhohlwe iphephandaba ILANGA ngokweseka kwalo lo mcimbi, uxhaso lweLANGA lusize kakhulu ngokwenza le ngoma ibeyimpumelelo ngalolu hlobo,” kusho uMnu Mcineka.


Umcimbi bewuhanjelwe nguNgqongqoshe wezamaSiko namaCiko uNkk Hlengiwe Mavimbela, owezeMpilo uNkk Nomgugu Simelane, owezokuHlaliswa kwabantu uMnu Jomo Sibiya, imeya yeTheku uMnu Mxolisi Kaunda, uNkk Zandile Gumede, amakhosi okubalwa eyesizwe saKwaMzimela iNkosi uThanda, eyesizwe sakwaMpungose eNkandla uMnu Zakhe Mpungose namanye.

Previous articleAbazali bafuna kushaywe umhlahlo esikoleni
Next articleKUVELA EZITHI UHLATSHWAYO AKASENEME KWI-BUCS