INTATHELI YELANGA
BAKHISHWE phambili yiNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesine ecaleni lokubulala uMntwana uKhethukuthula kaZwelithini Zulu abesifazane abane obekusolwa ukuthi bamdida umqondo ngezidakamizwa, bashaqa izimpahla endlini yakhe eseNorthwood, eGoli ngoLwezi (November) 2020. Nokho laba besifazane – okunguTshefogatso Moremane (30), uMargaret Koaile (42), uPortia Mmola (28) noGontse Tlhoele (30) – abebebukeka bengenalo ixhala enkantolo, batholakale benecala lokweba nelokutholakala nezidakamizwa.
Isidumbu soMntwana uLethukuthula satholwa ngunogada endlini yakhe. Imiphumela yokuhlolwa kwaso eyanekwa enkantolo, yaveza ukuthi uMntwana wabulawa wukweqisa esidakamizweni, i-cocaine. Laba besifazane kuthiwa babeyingxenye yongqondongqondo abathithibalisa abantu ngezidakamizwa bese beyabagebenga. Ngesikhathi besendlini yoMntwana, kwavela ukuthi kwakuzitikwa ngocansi notshwala, emuva kwalokho bashaya bachitha nezimpahla zezinyane leSilo.
Phakathi kwezimpahla abakhala bemuka nazo, yi-microwave, omabonakude, yizipuni, yizimfologo, yimimese yasekhishini, amapuleti, yimpahla yasendlini yokugeza, yizingubo zokulala, yi-laptop nemali.
Likhipha isigwebo iJaji Moleboheng Mdalana-Mayisela, lithe lanelisekile wubufakazi bombuso obuthi abamangalelwa bantshontsha (endlini yoMntwana).
“Bonke abamangalelwa bamsulwa kwelokubulala uLethukuthula Zulu, kodwa balahlwa ngecala lokweba. Oyedwa noma ngaphezulu kubamangalelwa, wayenamaphilisi okulala ayezowasebenzisela inhloso yabo. Abanye babenolwazi ngokuba khona kwala maphilisi, babazi nokuthi yikuphi futhi yinini lapho kuzontshontshelwa khona izisulu uma sebegculisekile ngokuthi sezihuqa obudala. Bebenomshayeli ozobathatha njalo uma sebewenzile umsebenzi wabo,” kusho ijaji.
Okhulumela iNPA, uPhindi Mjonondwane, uthe basazosibukela eduze isinqumo sejaji bese benquma ukuthi basiphonsela inselelo noma cha. UPheane Lebe obemele ummangalelwa wesibili uthe isigwebo sikhombisa ubulungiswa.