Bakhumelane umlotha uZimdollar nabaseBuhleni

517

Babe nomhlangano nabaholi, baxolisa ngezinkulumo zamalungu

UMSAKAZI woKhozi FM uZimiphi “Zimdollar” Biyela.

MTHOBISI SITHOLE
IKHUMELENE umlotha phakathi komsakazi woKhozi FM uZimiphi “Zimdollar” Biyela nebandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni eliholwa iNkosi uMduduzi “uNyazi Lwezulu” Shembe, njengoba bekukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe namalungu alo, bemsola ngokuba yiphekula. Ngokuthola kweLANGA LangeSonto, ibandla lihlangane nalo msakazi ngoLwesine, baxolelana. Okhulumela leli bandla uMnu Thokozani Mncwabe, ukuqinisekile ukuxoxisana kwabo noZimdollar. Uveze ukuthi izinkulumo ezikhulunywa amalungu ebandla kuFacebook zifaka igama loNyazi ekukhulumeni. “Sigwema ingxabano ngoba empeleni ibandla nomholi abangeni kulento eyenzekile.


“Siyaxolisa kakhulu ngokwenziwa amalungu ebandla, exabana koFacebook ngoba uNyazi lwayikhuza kudala indaba kaFacebook, ukuthi akuphunywe kuwona. “UFacebook muhle ezintweni ezinhle,” kusho uMncwabe. Uthi yayiprofethile iNkosi uBhombela ukuthi kuyobakhona oShembe abaningi ngokuhamba kwesikhathi, kanjalo nabantu abayoba nenkani befuna ukushintsha izinto zebandla. Utshele leli phephandaba ukuthi abalwisana noZimdollar baphikisa isiprofetho.

“Thina eBuhleni siphelele asilona uhlangothi ngoba sinakho konke okufanele, nethuluzi laseZulwini. “Kuyadida ukuthi amakholwa ethu afunani kubantu abangekho eBuhleni ngoba kuyilungelo labo,” kusho uMncwabe. Ukungaboni ngaso linye kwamalungu ebandla noZimdollar kuqale ngokuthi kusabalale i-video yakhe kuTiktok esohambweni lokwenyukela entabeni iNhlangakazi, eNdwedwe njengosiko lwaminyaka yonke lwaleli bandla ngoMasingana (January). Amalungu aseBuhleni ambize ngehlubuka, agxeka nohlangothi akhonza kulona ekuPhakameni ukuthi bayinkeshezana.Ebuzwa uZimdollar ngomhla-ngano wakhe nabaseBuhleni, ukuqinisekisile ukuthi bambizile kwahlalwa phansi, becela ukuxolo kuyena. mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleUNyazi lukhuze ‘abaphaphile’ eBuhleni
Next articleUgwetshiwe olahlwe yicala lokudayisela inyanga ingane (11)