Bakhungathekile ngokunyamalala kowaphuma kubo eyodoba

625

Ababehamba naye bathi kwaqhamuka abaqaphi basesiqiwini badubula

UMNU Thulani Mdluli (25), osekuphele amasonto amabili wanyamalala emuva kokuba wagcina ukubonwa ngabangani bakhe besehlathini elisesiqiwini beyodoba kanti bazohlaselwa ngabaqaphi bakhona.

NOMFUNDO NGWANE
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waKwaNibela, eHluhluwe, owagcina ukubonakala mhla ka-12 kuLwezi (November) ehamba nabangani bakhe beyocupha izinhlanzi emfuleni osesiqiwini, iMfabeni Game Reserve. Kuthiwa kwaqhamuka abaqaphi basesiqiwini, baqhumisa isibhamu, wangaphinde wabonakala.
Umndeni kaMnu Thulani Mdluli (25) uthi usucela okungenani unikwe ithambo lendodana yawo uma kuwukuthi yadubuleka, yashona.


Uyise kaMnu Mdluli, uMnu Zeblon Mduli, uthi kunyamalala indodana yakhe nje, sekumphinda okwesibili njengoba esikhathini esingangonyaka kwanyamalala enye, uMnu Celimpilo Mdluli (29), nayo eyaphuma iyodoba kuwo lo mfula wasesiqiwini. Yagcina idutshulwe ngabaqaphi okusolwa ukuthi ngabasesiqiwini, yashona.
“Umfana wami wahamba nabangani bakhe abathathu. Bajwayele ukuyodoba, okuyinto abaziphilisa ngayo.

Ngelanga abahamba ngalo, bahamba nezikebhe ezimbili abajwayele ukuzisebenzisa uma beyodoba. Sathuka kwaphela nasozwaneni uma sekubuya abangani bakhe behamba bodwa bezosibikela ukuthi kwaqhamuka abaqaphi babadubula, babaleka ngokuhlukana.


“Ngesikhathi befika, babezi-tshela ukuthi uThulani uthathwe ngabaqaphi basesiqiwini bayo-mbopha, kodwa kuthe uma sesilulandela udaba kubaqaphi, sesifuna ukuyozwa kahle ngokwenzekile nokuthi bamshonisephi, akekho ositshela into eqondile. Izikebhe ababehamba ngazo nazo kazitholakali.”Omunye wabangani baThulani, uMnu Mndeni Msweli (25), owayekhona ngosuku lwesigameko, uthe: “Saphuma emakhaya ngezi-thuba zo-9 ebusuku, sihamba nezikebhe ezimbili.


“Safika ehlathini esijwayele ukuhlala kulona uma siyodoba, sacupha imigoga sabesesibuyela eceleni sabasa umlilo sotha, oku-yinto esijwayele ukuyenza uma sisalinde izinhlanzi.“Kwathi nje sisahleli, kwaqhamuka ibhanoyi lithwele onogada basesiqiwini, sabaleka sayocasha ngoba bayasihlukumeza uma besifica sidoba.

Ngenxa yokuthi sihlala kuze kuse, kwathi sekungabo-14h00 ngakusasa, sabuyela lapho esicuphe khona siyobheka ukuthi kasikabambi lutho, sathi sesiqhamukela khona kwaqhuma isibhamu kanti abaqaphi babesicuthele.“Sabaleka sahlakazeka, uThulani wabaleka wangena emanzini angashoni, ayengaphansi kwasemadolweni. Ngagcina ukumbona emile emanzini, angibonanga ukuthi waphelelaphi ngoba sonke sasibaleka, kungekho onake omunye.


“Ngesikhathi sibaleka sababona abaqaphi ukuthi bebheke ngaku-yena, sazitshela ukuthi bazombamba bambophe. Sabuyela emakhaya sayobika ngosekwenzekile. Kwathi uma sesibuyela khona, sesihamba nabantu abadala, safika kukhala ibhungane lapho esashiya kwenzeka khona isigameko.“Saya emaphoyiseni siyobika ngalolu daba, sathola ukuthi bafikile abaqaphi bayowabikela ukuthi kunomuntu abamdubula,” kusho uMnu Msweli.


Okhulumela i-Ezemvelo KZN Wildlife elawula ezemvelo kulesi sifundazwe kubalwa neziqiwu uMnu Musa Mntambo, uthe bayalwazi lolu daba olwenzeka mhla ka-12 kwephezulu.Uthi abaqaphi babo bathola umbiko ngokuqhuma kwesibhamu okwenzeka ngaphakathi endaweni yabo, bafika ngasendaweni ababizelwe kuyona kukhona izikebhe kodwa abanikazi bazo bengekho.


Abaqaphi babe sebegada leyo ndawo benethamba lokuthi abanikazi bezikebhe bazobuya beyozilanda. Uveze ukuthi abaqaphi bawabona amachaphazelo egazi endaweni yesigameko, kodwa umuntu owadubuleka wayengekho, kuze kube yimanje akaze atholakale.UMnu Mntambo uthi indawo ababedoba kuyona inechweba elinezilwane eziyingozi nehlathi elikhulu elinezilwane eziyingozi.


Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uCapt nqobile Gwala, uthe likhona idokodo elivuliwe lokunyamalala komuntu, amaphoyisa asenza uphenyo.
nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleBakhunjuzwe ngobumqoka bomphakathi begcotshwa
Next articleZiyaqonga izinkinga zombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu