BAKHUNGATHEKILE NGOMBIKO WOLIBOFUZO “ONGAPHELELE”

427

NONHLAKANIPHO SHINGA
USHAYA phansi ngonyawo umndeni wakwaHlongwane Kwa-CC, eMlazi, ukuthatha isidumbu sengane eyashona emuva kokuphambana kwezingane ezazalwa ngosuku olulodwa esibhedlela iPrince Mshiyeni, kuleli lokishi ngasekuqaleni kwenyanga edlule. NgoMsombuluko, ILANGA libike ngalesi sigameko esishiye imindeni emibili ishayana ngamakhanda emuva kokuba kutholakale ukuthi kwenzeka iphutha lezi zingane zafakwa igama lomzali oyedwa, okwabe sekuphoqa isibhedlela ukuba siphuce le mindeni izingane ngoba kusalindelwe imiphumela yolibofuzo.


Ngokuthola kweLANGA, le mindeni iye kulesi sibhedlela izolo ngoLwesithathu, lapho beyibizelwe ukuyonikezwa imiphumela. Umndeni wakwaHlongwane, uthi ukhungathekile usuthola ukuthi imiphumela yolibofuzo kayiphelele, okuthe uma usutshelwa ukuthi ingane eshonile ngeyawo, wanqaba ukuthatha isidumbu, uthi ufuna imiphumela yolibofuzo ezosho njalo. UNkz Phumzile Hlongwane onguninakhulu wengane, uthi njengomndeni kabanayo inkinga uma kuwukuthi ingane eshonile ngeyabo, kepha bafuna imiphumela ezokusho lokho ukuze nabo babenesiqinisekiso.


Uthi abesibhedlela bavele babamba bayeka uma bethi bafuna imiphumela yolibofuzo ezosho ukuthi ingane eshonile ngeyabo ngempela. “Sithe sihlala, babetshela lona omunye umndeni ukuthi ingane ephilayo ngeyawo, basebethi le eshonile ngeyendodakazi yami. “Kasinayoke inkinga nalokho, noma kubuhlungu kodwa besilindele ukuthi kubenemiphumela esho lokho ukuze sazi ukuthi sihamba nengane okuyiyona,” kusho yena. Uthi kuyimanje usevele wakhetha ukuyihlalisa ekhaya indodakazi yakhe eneminyaka ewu-17 ebifunda umatikuletsheni emuva kokubeletha kwayo ngoba yaba nezinkinga kuphambana izingane.


“Uhlukumezeke kakhulu ngoba le ngane okuthiwa kakuyona eyakhe, yiyona athi wanikwa yona, enemizuzu ebelethile, kwathiwa ngeyakhe futhi okuyiyona aphuma nayo esibhedlela. “Ukuphucwa kwakhe ingane iyohlala esibhedlela ngoba kuthiwa kungenzeka ukuthi kakuyona eyakhe, kumphazamise kakhulu,” kusho yena. Uthi baphume esibhedlela bahamba, ngoba bethi bacela imiphumela ephelele ukuze nabo bakhululeke, nokuthe sebesendleleni kwathiwa unina wengane makabuye kuyokwenziwa ulibofuzo nale ngane eshonile.


“Lona omunye umndeni wenziwe ulibofuzo enganeni eshonile, kwathiwa kakuyona eyawo, kodwa kayikho imiphumela ethi le ohambe nayo ngeyabo. “Uma ungenankinga, nathi kasinankinga, kodwa thina sifuna imiphumela ephelele njengoba izingane zimbili,” kusho yena. Uthi okunye okubashaqisile, wukubona esinye sezisebenzi zasesibhedlela, esabelethisa indodakazi yakhe sisazisebenzela nje, okushiya imibuzo ukuthi lukhona ngempela yini uphenyo olwenziwa ngobudedengu obenzakalile. Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnu Ntokozo Maphisa, uthe bakhathazekile ngaloludaba, futhi bayadabuka ngokudlula emhlabeni komunye wabantwana, okuyinto nokho engahlobene neze nezinsolo zokuphambana kwamagama.


“Ngeke sikhulume ngakho esidlangaleni ngenxa yokuthi umthetho kawusivumeli ukuthi sidingide izindaba zeziguli nabezindaba. “Wudaba olubucayi kakhulu lolu, siyaluphenya, futhi siluphethe ngesithunzi esifanele siwumnyango njengoba sazi ukuthi bobabili abazali abathintekayo baseneminyaka engaphansi kuka-18,” kusho yena. Uqhube wathi isibhedlela sizamile ukunika onina bezingane ithuba lokwelulekwa ngokomqondo, kepha bacela ukulindwa kancane ngoba besadinga ukutadisha nokubuyela esikoleni ngokushesha njengoba besematasa nezivivinyo.


Uthe bazokwenza uphenyo ngaphakathi, okuyothi uma kutholakala ukuthi kunobudedengu obenzekile, bathathelwe izinyathelo ezifanele abathinyekayo. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUnengebhe umndeni wonyamalale eyozingela
Next articleKusolwa umfundisi ngokufa komfana (13)