BAKHUNGATHEKILE NGONYAMALALE ENDAWENI YOBUMNANDI

423
KUSOLAKALA ukuthi uthunjwe kuntshontshwa imoto ngaphandle kwendawo yobumnandi uMnu Khayelihle Hlophe, wakwa-Z, eMlazi.

NONHLAKANIPHO SHINGA
UKHUNGATHEKILE umndeni waKwaHlophe esigcemeni sakwa-Z, eMlazi ngokunyamalala kwendodana yawo egcine ukubonakala endaweni yobumnandi eNanda, e-Under The Moon, ngeSonto ezintathakusa ikade ishiye abangane bayo ngaphakathi kule ndawo ithi iyolala emotweni. UNkz Pamela Hlophe, uthi ngokwemibiko abayitshelwa ngabebehambe noMnu Khayelihle Hlophe (33) , kuthe ngezikhathi zabo-1 entathakusa wacela ukhiye wemoto abebehamba ngayo ethi ukhathele ufuna ukuyophumula emotweni. “Siyasola ukuthi kukhona abantu abamlandelile ngesikhathi eseya emotweni, noma abamfice phakathi elele bamthumba ngoba bekungeke kube nguye ohambe ngayo kwazise akakwazi ukushayela. Selokhu enyamalele kawukho umkhondo esiwuthola ngaye nokusenza sikhathazeke ngoba sekuyophela isonto manje,” kusho yena.


Uthi ngokusho kwabebehambe naye kabekho nabantu ababe nokungaboni ngaso linye nabo kule ndawo kepha babone sebephuma sebefuna ukugoduka uma befika lapho bebepake khona imoto ibingasekho. “Unyamalale egqoke isikibha esiluhlaza (green), ibhulukwe likadangara eliluhlaza sasibhakabhaka (blue), amateki nejacket e-orange. Siyacela uma kukhona abanolwazi noma ababonile ukuthi kwenzekeni kuye basilekelele ngokuxhumana namaphoyisa,” kusho uNkz Hlophe. Ngokuthola kweLA-NGA imoto ayethunjwe ekuyona itholakale izolo eMtshebheni erenki ishayisile kodwa kungekho mkhondo ngaye ukuthi uke waba kule moto. “Imoto itholakale ngoLwesine ekuseni ishiywe e-renki ngemuva kokushayisa kodwa yena ubengekho phakathi,” kusho udadewabo. Uthi nakule ndawo abebekuyona kakubonakali emakhamereni akhona ukuthi kwenzakaleni kuye ngoba imoto beyipakwe ngaphandle ngenxa yokugcwala. Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa asaluphenya udaba lukaMnu Hlophe.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleI-Chiefs ikhokhobela injini yomdlali
Next articleBafisa kumpontshwe igazi kovuvukalelwa yisandla ngokweqile