Imeya yaseNkosazana Dlamini-Zuma ithembise ukuvula amathuba entsheni
Dlamini-Zuma (ogqoke ingubo ephuzi) afisa ukuba isibalo sawo sinyuke, silingane nesawesilisa.
ISITHOMBE NGU: NASH NGCOBO
NASH NGCOBO
AKHUNJUZWE ngokubaluleka kokubeka izidingo zomphakathi phambili, azithobe futhi athembeke emsebenzini wawo amakhansela kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini Zuma, abefungiswa ngoMsombuluko emcimbini obuseBulwer Hall, eBulwer.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, okuqanjwe ngaye lo masipala, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma obeyingxenye yalo mgcobo unike amakhansela umphako wendlela kulolu hambo aseluqalile lokusebenzela umphakathi, wathi kumele ayeke ukuwubukela phansi. “Abantu babheke thina ukuthi sibasiza kanjani, hhayi ukuthi kube yibona abalandelana nathi ngezidingo zabo esizazi kahle kamhlophe.
Yithina esibadinga kakhulu. Akufanele isibalo samakhansela esilisa sidlule awesifazane,
kodwa masilingane njengoba sishumayela indaba ka-50-50. Umkhandlu mawungafani nasemzini wezinsizwa, kodwa mawuxube ubulili,” kusho uDkt Dlamini Zuma. Ukhononde ngokwanda kwabesilisa kunabesifazane emkhandlwini walo masipala, kodwa wazwakalisa ukujabula ngokuqokwa kwabesifazane esikhundleni semeya nesesekela layo.
Unxuse amakhansela ukuba azihluphe ngokuqinisa ezokuxhumana nomphakathi, asebenze njengoba elindelekile. Umkhandlu kaMasipala waseDr Nkosazana Dlamini Zuma uphinde wathathwa yi-ANC ebivele iwuphethe. Kuqokwe uNkk Sindisiwe Majobe Msomi njengemeya, iphini lakhe kube nguNkz Kholeka Hadebe, usomlomo kwaba nguMnu Sifiso Phoswa bonke abangamalungu e-ANC.
Emkhandlwini i-IFP imelwe nguMnu Ntobeko Dlamini kanti i-EFF imelwe nguPhelelani
Memela. I-DA ibuye ilambatha njengoba ingenasihlalo kulo masipala. Kuvele ukuthi sekuntwela ezansi ngokumeleleka kwabakhubazekile njengoba kulo masipala kunekhansela elingaboni, uMnu Mthokozisi Dlamini wakwa-ward 8.
UNkk Msomi uzibophezele ekusheshiseni zonke izinhlelo ebeseziphakanyisiwe phambilini ukuze kuliwe nokuthi uhulumeni uhudula izinyawo ekuhlinzekeni umphakathi ngezidingo. Uthe uzosebenzisana nophiko lokuthuthukiswa komnotho kumasipala ukuze kuvuleke amathuba emisebenzi, okuyinto okukhalwa ngayo nxazonke.
Ukugwema ukusebenza ngokwenzelela kwamakhansela, uthe uzokusiphula nezimpande ngoba akuhambisani nezimiso zokuholwa kwemikhandlu, kanjalo nokuhanjiswa kwezidingo kubantu. Akazishiyanga ngaphandle izinhlelo zokuvula amathuba emisebenzi entsheni. www.ilanganews.co.za