Bezihlangene okokuqala ngqa emcimbini wokubungaza usuku lwentsha
PHUMLANI GAMA
BEZIHUBA amahubo esintu ziwasheba ngeziqubulo nezaga izintombi nto, ebeziphuma ezingxenyeni ezahlukene zamakhosi angaphansi kukaMasipala waseMhlathuze. Bekubungazwa usuku lwentsha emcimbini obusenkundleni yezemidlalo eNtuze, eMpangeni. Lo mcimbi wesekwe yiminyango kahulumeni eyahlukene KwaZulu-Natal. Usuku lwayizolo lubungazwa iNingizimu-Afrika yonke, kulandela ukuqokwa kwalo njengosuku okufanele luthathwe njengeholide lokubungaza intsha eyaphangalala ngesandla samaphoyisa kahulumeni wobandlululo, owawuphoqelela abafundi ezikoleni ukuba bafunde zonke izifundo ngolwimi lwesiBhunu.
Imeya yalo mkhandlu, uMnu Xolani Ngwezi,ibiyisikhulumi sosuku, ithe basebenzise lolu suku ngenhloso yokuhlanganisa abantu abasha okungamantombazane, ukuze bezothola izeluleko ngendlela yokuziphatha. UMnu Ngwezi uthe okunye abafuna kwenzeke, wukweluleka abantu abasha ngezindlela zokubika ngokuhlukunyezwa kwezingane ezikuthola emakhaya nasemphakathini. “Njengoba kubungazwa lolu suku ezweni lonke, thina sibone kungcono ukuthi sihlanganise izimbali zamakhosi esiwakhele siwumasipala ngenhloso yokuba sizogqugquzela isiko lokuziphatha nokuzigcina kwabantu abasha esinabo emphakathini.
“Sizokhuluma nezimbali zethu ukuba ziziphathe kahle, sifuna ukuthi zibe nolwazi ngezinhlelo esinazo zokusiza abantu abasha abangapha-nsi kukamasipala. Abantu besifazane bayahlukunyezwa. “Indawo yakithi isiphenduke isihogo ngenxa yokwanda kwezigameko ezingalungile lapho kubulawa ngisho izingane ezincane. Ziningi izigameko zokuhlukunyezwa kwentsha yethu emakhaya nasemphakathini. “Sizobanxusa ukuba babike konke abakubona kungalungile okwenzeka ezindaweni abahlala kuzona. Ngakolunye uhlangothi, sifuna ukuthi abantu abasha bethu ikakhulukazi abesifazane, babe nolwazi lokuthi sizimisele ukubanika lonke uhlobo losizo futhi yibona esibabeka phambili kuzona zonke izinhlelo ezikhona kulo mkhandlu,” kusho uMnu Ngwezi.
UNkk Constance Dube, waseSikhaleni ngaphansi kwesizwe sakwaDube, uthe ziningi izinkinga abahlangabe-zana nazo emsebenzini wabo woku-hlola izintombi. “Sengineminyaka engaphezulu kuka-30 ngenza umsebenzi wokuhlola izintombi. Siyaqala ukuthi sibe nomgubho ofana nalona wanamuhla. Nokhoke kuyathokozisa ukuthi umasipala uzokwazi ukusilekelela ezinkingeni esihlangabezana nazo. “Lapha siyethukwa, sibizwa ngamaganyana angemahle. Thina sikhutha-za ukuthi izingane ukuba ziziphathe kahle, ukuze zizokwazi ukukhula zifunde zikwazi ukuzimela.
“Umendo yinto okufanele ilandele kamuva. Ngikhuluma nje namuhla sihamba nezintombi nto ezihamba ngezimoto ezibizayo, eziphila impilo yokuzimela. Sigquqguzela ukuzimela,” kusho uNkk Dube. UNkz Sbongakonke Dlamini (19) noNkz Bongiwe Shandu (19) abebeyingxenye yalo mcimbi, baveze ukuthi bathokoze kakhulu ngawo. “Sizothokoza kakhulu uma umasipala nemeya yawo bezogcina izethembiso zabo zokusiza intsha yesifazane. Siqede isikole ngonyaka odlule,” kuphetha bona.