AbaseBuhleni bathi bahlela umkhuleko omkhulu esigodlweni KwaKhangelamankengane
ALINDE izwileNkosi Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe amaNazaretha asohlangothini lwaseBuhleni mayelana nokuthi azobe ekhonayini emcimbini wangoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini wokunikezwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini isitifiketi esisigunyaza ukubusa ngokomthethon kahulumeni. Lokhu kuvezwe nguMnu Thokozani Mncwabe, okhulumela leli bandla engxoxweni ekhethekile neLANGA. Uthe okwamanje bebengakawutholi umyalezo ovela oNyazini mayelana nalo mcimbi okulindeleke kuwo izinkumbi zabantu lapho uMengameli Cyril Ramaphosa kubhekeke ukuba anikeze iSilo uMisuzulu isitifiketi.
Utshele leli phephandaba ukuthi njengamanje uNyazi luhola umkhosi waseJudiya, eGingindlovu, lapho amaNazaretha ebuthana khona njalo ngoMfumfu (October). “Okumele sikwazi wukuthi uNyazi kudala lwasinika iSilo isitifiketi, lwasifaka esibayeni ngokwasezulwini. Abanye sebengazenzela nje, kodwa uNyazi kudala lwaqeda. Okwamanje ubungakaphumi oNyazini umyalelo wokuthi amaNazaretha azobe ekhona yini kulo mcimbi (waseMoses Mabhida). “Okumele sikuqonde wukuthi izinto zoNyazi kazihlelwa, zenzeka noma nini, kungazelele muntu. Ngisho lungakhipha umyalelo ngo Lwesihlanu nje, amaNazaretha ayolandela lokhu olukushoyo, agcwale khona eMoses Mabhida Stadium, inqobo nje uma esetsheliwe,” kusho yena. Uqhube ngokuthi ngale kwalokho, uma sewudlulile lo mcimbi wangoMgqibelo, kuzoba nomkhuleko omkhulu esiGodlweni KwaKhangelamankengane. “Yize okwamanje ngingeke ngilusho usuku lwalo mkhuleko, kodwa engikwaziyo wukuthi uzoba khona. Kodwake njengoba sengi