Bamfisele unwele olude uMotaung

1221

“UMotaung ungumuntu osebenza kanzima kodwa uyazinika isikhathi sokunakekela umzimba wakhe”

PHILANI NCALANE

NGUMOTAUNG ekhombisa ngezinye zezinkomishi esezinqotshwe yiChiefs.

KUME yonke into eNaturena ngoLwesithathu olwedlule abadlali nezisebenzi begubha usuku
lokuzalwa kukaSihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer “Shintsha Guluva” Motaung obehlanganisa iminyaka ewu-75 edla anhlamvana.
UMotaung uzalwe mhla ka-16 kuMfumfu (October) ngo-1944 e-Orlando East, eSoweto.
Lo mholi, obambe elikhulu iqhaza kwiPremier Soccer League ngezindlela ezahlukene,
akugcinanga ngokuba ahalaliselwe yiChiefs kuphela ngokuhlanganisa le minyaka yobudala
njengoba nabantu bemikhakha eminingi eyahlukene bemfisele unwele olude.
UMotaung ubengomunye wabadlali abebengaconsi kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule. Udlale umdlalo wakhe wokuqala kwiBucs eneminyaka ewu-16 ubudala.
Ukudlondlobala kwakhe kuholele ekubeni agcine esedlala kwi-Atlanta Chiefs nakwiDenver
Dynamos okungamaqembu ayegijima kwiNorth American Soccer League (NASL) e-United States of America (USA).
Uvotelwe waba yiRookie of The Year ngesizini yakhe yokuqala e-USA ngemuva kokuvalela
amagoli awu-11.
UMotaung ubuyele eNingizimu Afrika ngo-1970. Ufike kuleli sekukhona iKaizer X1 ebiqanjwe ngaye ukuze angabuyeli kwiPirates ngenxa yezinkinga okungagcwala
amakhasi uma singagxila kuzona. Nokho ziqutshulwe wukuthi uThomas “Zero” Johnson,
u-Edward “Msomi” Khoza noRatha “Jimmy Greaves” Mokgoatlheng baxoshiwe kwi-
Bucs ngenxa yokuyodlala eBotswana bengagunyaziwe.
Omunye odliwe yizembe ngu-Ewert Nene owayeyimenenja yeBucs ngaleso sikhathi.
Nebala uMotaung akabuyelanga kwiBucs, kodwa ube yingxenye yekilabhu entsha egcine
isibizwa ngeKaizer Chiefs ayisungule ngokubambisana noClarence Mlokoti, uNene noWilfred
“China” Ngema waKwaNongoma.
Kuningi abadlali banamuhla abangakufunda kuMotaung osaphila impilo entofontofo namanje yize sekubalwa iminyaka ayeka ukudlala ibhola.
Udlale ezikhathini ezinzima lapho imali ibingabonwa kunobhutshuzwayo, kodwa nanamuhla
akakhangezi kumuntu. Kunenqwaba yabadlali abadlale no-Motaung, kodwa asebephila
ngokugxeka uhulumeni ngokuthi kawubanakile.
UMotaung akagcinanga nje ngokuba ngumdlali webhola ovelele, kodwa uqhamuke
nomqondo webhizinisi kulona ibhola. Kumanje bambalwa abadlali abacabanga
ukusungula amakilabhu ngemuva kokuyeka ukudlala ibhola.
Iningi livele lifune ukuba ngabaqeqeshi, kalikugqizi qakala ngisho ukungena ezinhlakeni
zobuholi beSafa, eseyiholwa ngosopolitiki.
UMotaung ubambe iqhaza elikhulu ebholeni lakuleli, kanti usebenze kanzima no-Irvin “Iron
Duke” Khoza kusungulwa iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996. Kumanje usesigungwini
esiphezulu sale nhlangano, futhi usaqhubeka nokuyifunela abaxhasi. Uphinde abe sebuholini beSafa.
Ngaphandle kwalokhu, lesi sikhulu singusomabhizinisi ohlonishwayo kuleli njengoba sike
saba yingxenye yamabhodi ezinkampani ezahlukene. Kulezi zinkampani kungabalwa iRoyal
Beechnut, iSimba, iNew Beverages neGet Ahead.
UMotaung ubambe elikhulu iqhaza ukuze iNingizimu Afrika inikwe igunya lokusingatha
iNdebe yoMhlaba yeFifa ebikuleli ngo-2010.
Ubeyingxenye ye-local organising committe, kanti ubeyingxenye yethimba ebelihambele ukumenyezelwa kwezwe ebelizosingatha lo mqhudelwano ngo-2004 eSwitzerland, behold nguMnu Nelson Mandela (ongasekho) obengumengameli wokuqala wentando yeningi eNingizimu Afrika.
Lesi sikhulu sesihlonishwe ngemiklomelo eminingi eyahlukene ngemisebenzi emihle esiyenzele isizwe, kubalwa nowe-Enterpreneurial Leadership esiwunikwe ngabeHenley Management College. Bambalwa abadlali abayeka ukudlala bese benza imisebenzi ebabazekayo esizweni.
Okubuhlungu-ke kuleli wukuthi izinkundla zezemidlalo eziningi kaziqanjwa ngabadlali
bebhola. Iningi lazo liqanjwa ngosopolitiki nabantu abancikene nobuholi bomdabu.
UMotaung noJomo Sono kubafanele ukuhlonishwa ngokuba kuqanjwe izinkundla
ngabo ngenxa yamagalelo abo kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika. Abantu abasezingeni likaMotaung kubafanele ukuba kwenziwe izifundo ngabo ukuze umlando
wabo ungeke ushabalale ezweni. I-Chiefs yiyona kilabhu elandelwa ukuwedlula
wonke kuleli, lokhu akuzenzekelanga, kodwa kube wukusebenza kanzima kuka-
Motaung. Okuhle ngaye wukuthi ngisho izingane zakhe okunguBobby, uKaizer Junior,
uJessica no-Kemiso, ziyingxenye yekilabhu yakhe.
UVina Maphosa, wezokuxhumana kwi-Chiefs, uthe uMotaung ucele ukuba adlulise ukubonga kubona bonke abamfisele unwele olude.
Lesi sikhulu kasikho kuleli kulezi zinsuku.
UMaphosa uthi kuyisibusiso kubona ukusebenza ngaphansi kukaMotaung.
“Usuke emkhulu umuntu ohalaliselwa nangabantu basemazweni aphesheya ngosuku
lwakhe lokuzalwa. UMotaung ungumuntu osebenza kanzima, kodwa uyazinika isikhathi sokunakekela umzimba wakhe, akwethusi ukumbona ehlanganisa iminyaka ewu-75. Abadlali bethu sebephumele obala ngokuthi bafuna akugubhe ngezinkomishi ukuhlanganisa le minyaka.
“Bathembise ukumbonga ngokumnqobela izinkomishi kule sizini. Okuhleke wukuthi sisaqhuba kahle kwiTelkom Knockout kanti nakwi-Absa Premiership sihleli phezulu. Sinqume ukuthi lo nyaka kube ngowenjabulo emndenini wonke weChiefs,” kusho uMaphosa.

Previous articleAMABHOKOBHOKO ASHISISE UMBANGO WENDEBE YOMHLABA
Next articleBAYAVEVA NGOWAMABHAYISEKILI