Umqeqeshi uthi usebabona emehlweni ukuthi bayilambele impumelelo
SENZO SOKHELA
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uJose Riveiro uveza okumenza akhululeke emoyeni ngekilabhu yakhe kulezi zinsuku. IBucs izobhekana neCape Town City koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. IBucs iya kulo mdlalo nje, isefomini kulezi zinsuku njengoba ishaya kwasani ephambi kwayo. Umqeqeshi wayo ukubeke kwacaca ukuthi ufuna ezakhe zisonge isizini zisendaweni yesibili kwi-log kwazise ufuna ukudlala iCaf Champions League. URiveiro uveza okumenza alale ubuthongo bengane ngezakhe kulezi zinsuku. “Imiphumela iyasivuma kulezi zinsuku. “IPirates inqoba inqwaba yemidlalo futhi kulula ukukubona lokho.
“Kodwa-ke okumqoka kimina, yilokho engikubona kubadlali ejimini nabakwenza emidlalweni, yikhona okungenza ngikhululeke emoyeni. “Bahlale bekulangazelele ukunqoba futhi ubabona nasemehlweni. “Isanda kuqala isizini besinenkinga, besihlale sikhuluma ngendaba yokuvalela amathuba esiwatholayo, kwazise besesidume ngokuthi kasiwashayi amagoli ngesiwombe sesibili. “Kodwa njengamanje konke
kuhamba kahle, silwela ukuqeda endaweni yesibili kwi-log. “Kuzofanele sizame ngawo wonke amandla ukungasuki emgqigqweni esihamba ngawo,” kusho uRiveiro. Isiyonke imidlalo yeDStvPremiership kule mpelasonto
iqhathwe kanje:-
KUSASA NGOLWESIHLANU
EHarry Gwala Stadium:
Maritzburg Utd vs Richards Bay
19h30.
NGOMGQIBELO
E-Orlando Stadium: Orlando
Pirates vs Cape Town City 15h00.
EMbombela Stadium: TS Galaxy
vs Royal AM 15h00.
EDanie Craven Stadium:
Stellenbosch vs Swallows 17h30.
NGESONTO
EPeter Mokaba Stadium:
Sekhukhune United vs Kaizer
Chiefs 15h00.
E-TUT Stadium: SuperSport
United vs AmaZulu 17h30.