SKHOSIPHI MTHEMBU
SEKUQUBULE ingebhe kwaholela ekutheni iNeighbourhood Watch, eNanda, eThekwini, ihoxise ukuqapha umphakathi wakule ndawo – edume ngobugebengu obunodlame – ukuvela kohlu lwamagama amalungu alolu hlaka okumele abulawe.
Kwenzeka lokhu nje, ILANGA libike kabanzi ngesigameko sangeSonto, lapho kudutshulwe kwabulawa amalungu amabili eNeighbourhood Watch, okunguMnu Avela Nomphahla (30) (okwesokudla) noMnu Mzwandile Mbambo (okwesokunxele). Kubikwe ukuthi esigamekweni sokuqala, kudutshulwe uNomphahla edlala ibhola eNewtown C. Kuthiwa ababulali bangene esenkundleni bangakhuluma lutho, bamdubula bambulala. Basuke lapho baqonda emzini kaMbambo, bamdubula phambi komndeni wakhe wafa.
NgoMsombuloko, amaphoyisa adubule owesilisa obeyamaniswa nezigameko zokubulawa kwalaba ababili.
ILANGA likhulume nomthombo walo okulolu hlaka, oveze ukuthi basakumisile ukuqapha eNanda njengoba kunobhongoza osolwa ngokuthumela ababulali emalungwini abo, ngoba emphazamisa ekudayiseni izidakamizwa.
Umthombo uthi yinto eyaziwayo ukuthi ubhongoza udayisa izidakamizwa futhi uyingxenye yeqembu lemigulukudu endaweni.
Usihlalo weNeighbourhood Watch, eThekwini, uMnu Andile Jali, uvumile ukuthi kumisiwe ukusebenza kwayo eNa-nda njengoba kubulawa kwamalungu abo.