UHAMBE emhlabeni ejabule uninakhulu wesilomo sikamaskandi, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose ngesenzo salo mculi sokunakekela ikoninalume, okuyilapho akhulela khona isikhathi esiningi.
Lokhu kuvezwe nguninalume kaKhuzani, uMnu Phumempini Mngadi, izolo ngoLwesithathu eNkandla elandisa abasakazi boKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe, uZimiphi “Zimdollar” Biyela nomhleli wendumezulu yomcimbi kamasikandi, uMnu Xolani Mcineka, abebeyokhalisa umndeni wakwaMngadi ngokushona kukaninakhulu walo mculi, uNkz Gcinephi Mngadi (75).
UMnu Mngadi uthi umuzi wakubo uwutho ngenxa kaKhuzani. “Silimele kakhulu, kodwa ukubona abantu bengena bezo-siduduza, kuyasikhuthaza kakhulu, ” kusho uMnu Mngadi.
UTshatha uthe okumthinte kakhulu wukuthi uyalwazi usizi lokushonelwa ngumuntu omkhulisile.
Uthi naye washonelwa ngunina kwaba nzima empilweni.
“UNkulunkulu wayengakudalanga ukufa, yingakho njalo uma kushoniwe sihlale sikhala. UNkulunkulu uthanda bonke abantu bakhe, sifa nje yingoba wayeshilo ukuthi makungadliwa isithelo sasensimini, kodwa sahluleka wukulalela.
“Ukufa kwakukhona naseminyakeni ewu-6 000 edlule kodwa akukaze kujwayeleke,” kusho uTshatha.
UMnu Mcineka uncome amazwi omndeni okutusa uKhuzani ngeqhaza lakhe.
“Kuyasijabulisa ukuzwa ukuthi umuntu esiphila naye wenza okuhle kwabo.
“Sithe masizoqinisa idolo ngoba le ndoda sisebenzisana nayo endimeni (kamasikandi),” kusho uMnu Mcineka.
Uninakhulu kaKhuzani ushone ephuthunyiswa esibhedlela eMpangeni. uzothunwa ngeSonto eNkandla.
mthobisis@ilanganews.co.za