NONHLAKANIPHO SHINGA
UMASIPALA wesiFunda Ugu, oholwa nguMnu Skhumbuzo Mqadi, usuqinisekise ukuthi bane abantu abashone ngemuva kokuhlasela kwemvula enamandla yadala izikhulula edolobheni eligudle ulwandle iMargate. UMnu Mqadi uveze lokhu ngesikhathi ehambele leli dolobha elingaphansi kukamasipala iRay Nkonyeni, lapho kuvele khona ukuthi kunabathathu abemuke nemoto kwathi oyedwa washaywa ngumbani washona.
Izikhukhula zishiye leli dolobha limapeketwane njengoba kunemigwaqo egugulekile, izitolo ezingenwe ngamanzi kwaphinde kwakhona nemigwaqo evalekayo kungahambeki kuyona kwanengqalasisinda elimalayo.
“Njengamanje sizama ukuhlola ukuthi ungakanani umonakalo owenzekile,” kusho yena.
Imvula enamandla ihlasele kuleli dolobha ngeSonto ebusuku ebeyihambisana nezulu ebeliduma. Ize yanqamuka ezintathakusa namhlanje ngoMsombuluko. Kanti ekuseni namhlanje aboMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, oholwa nguNkk Bongiwe Sithole-Moloi bakhiphe isixwayo ngezimvula ezinamandla ezingase zihlasele eThekwini namaphethelo.
nonhlakaniphos@Ilanganews.co.za