Banemibuzo ngokubulawa kwekhansela le-EFF ‘ngamaphoyisa’

405
LEZI ngezinye zezibhamu kweziwu-11 okuthiwa zitholwe ngamaphoyisa emzini kaMnu Nkosingiphile Mthembu (45).

NOMFUNDO NGWANE noPHUMLANI GAMA
ISHAYA amakhala iNkosi yaKwaSomopho, eMpangeni, uShilo Mthembu ngokuthiwa kwenzeke kuguqa ikhansela le-EFF kuMasipala waseMhlathuze ebelibuye libe ngusomabhizinisi okubikwa ukuthi lidudulane ngenganono namaphoyisa abegasele emzini walo eMpangeni, entathakusa yangoLwesibili, elandela umkhondo wezibhamu ezingekho emthethweni. Kulezi zibhamu kubalwa ne-AK47 okuyisibhamu esingasetshenziswa ngisho wumbutho wezempi eNingizimu Afrika. UMnu Nkosingiphile Mthembu (45) (osesithombeni) obebuye abe namatekisi namanye amabhizinisi, udutshulwe noMnu Lihle Ntombela. Kuthiwa amaphoyisa athole izibhamu eziwu-11 nezinhlamvu eziwu397 ezingekho emthethweni emzini wakhe.


Ubulawa nje, ubesanda kuba sematheni ekupheleni konyaka owedlule ngesikhathi kusabalala isithombemnyakazo (video) sakhe, ekhwela ngamankomane uzakwabo oyikhansela ngethikithi le-ANC. Lesi sigameko senzeke bephakathi emahhovisi kamasipala. Kuthiwa ubaziwa emphakathini ukuthi uyindoda angabhedelwa, futhi uyazifikela endodeni. UMnu Mlungisi Mthembu, oyindodana kamufi, uthi uyise ubulawa nje, bekunonogada abane abebeqaphile egcekeni lakubo. Uthi bahlaselwe yinqwaba yamaphoyisa abephethe izinhlokohlela zezibhamu, abakhomba ngazo, abavalela endlini eyodwa, abaphoqa ukuba bakhiphe umqashi wabo obelele ngaleso sikhathi. Athe azofuna izibhamu. “Ubaba uvuke sekugcwele amaphoyisa egcekeni, amlwisa, agcina ngokumdubula nomunye wonogada,” kusho uMnu Mthembu. Uthi okwenziwe ngamaphoyisa kubahlukumezile bewumndeni njengoba ethi ubulawe ngesihluku.


Uthi uyise ubesehlala yedwa emzini wakhe esewabalekisile amakhosikazi ekhaya ngenxa yokuthi ubesezwile ukuthi kukhona abafuna ukumbulala. INkosi Mthembu yesizwe izwakalise ukushaqeka, yadlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi. Imchaze njengendoda ebinamandla emphakathini. “Sinemibuzo engaphenduleki futhi esisadinga incazelo ngayo. Uma kuwukuthi bekudutshulwana, kungani kufe uhlangothi olulodwa? “Akukho ngisho nelilodwa iphoyisa elikhonjwayo ukuthi lishayekile kulesi sigameko,” kusho iNkosi Mthembu. Itshele ILANGA ukuthi umufi ubengusihlalo wesikhwama sobukhosi KwaSomopho futhi ebambe iqhaza embonini yamatekisi kusoseshini waseMpangeni. IMeya yaseMhlathuze, uMnu Xolani Ngwezi, ithe umasipala wayo ubhekene nesikhathi esinzima kakhulu njengoba ulahlekelwa nguMnu Mthembu nje, kusanda kudlula emhlabeni uMnu Mthunzi Mathenjwa, naye obeyikhansela.


“Egameni lomkhandlu waseMhlathuze, sidlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi, abangani nakubona bonke abesebenzisana nabo emakomidini ahlukene. UMnu Mthembu besisebenzisana kahle naye, kungekho okubi. “Ubenza isiqiniseko sokuthi ubamba iqhaza kuzona zonke izinhlelo zokuhanjiswa kwentuthuko emphakathini,” kusho uMnu Ngwezi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa eSpecial Unit Investigation, agasele emzini kamufi osedolobheni eMpangeni elandela umkhondo ngezibhamu ezingekho emthethweni, obekubikwe ukuthi zisemzini wakhe. Uthi kube lukhuni ukungena emzini kamufi kwabe sekuqala ukudubulana phakathi kwamaphoyisa nabasolwa.


“Umsolwa wenqabile ukuba amaphoyisa angene ngaphakathi. Kuthe kusenjalo, kwabe sekuqala ukudubulana phakathi kwamaphoyisa nabasolwa ngemuva kokuba kube nezinhlamvu ebeziphuma ngaphakathi endlini. “Kutholakale izibhamu eziwu-11 ezingekho emthethweni, okukhona kuzona ezinkulu nezincane. Kutholakale nezinhlamvu eziwu-397 nazo ezingekho emthethweni. “Umnikazi womuzi nonogada wakhe bashonele endaweni yesigameko. Kuvulwe amacala okuzama ukubulala, elokubulala nelokuba nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni,” kuphetha uConst Ngcobo.

Previous articleBafisele uShenge unwele olude ngokuhlanganisa iminyaka ewu-94Abemikhakha
Next articleZibeke ethubeni loku WINA INKOMO nemiklomelo yemali, yenani lika R20000