PHUMLANI GAMA
ISENGCUPHENI yokukhokhiswa imali yokulungisa umonakalo odalekile kuqubuka umlilo ocekele phansi ingxenye yesakhiwo sikaMasipala waseMhlathuze, eRichards Bay, ngo- Lwesibili inkampani ebilungisa okuthile, ngesikhathi kuqala umlilo. Ngokusho kweziphathimandla zalo masipala, kusazokwenziwa uphenyo ukuze kutholakale okube yimbangela yomlilo. Ziveze ukuthi kushe ikhishi kuphela elisetshenziswa ngamakhansela nezisebenzi. Imenenja yalo masipala, uMnu Nkosenye Zulu, ithe umlilo uqubuke engxenyeni elungiswayo, ekwelinye lamagumbi okudlela.
“Umasipala usanda kukhipha umsebenzi wokulungiswa kwekhishi okubuye kubekwe kulona izinto zamakhansela nabanye abantu. “Sifike kuleli hholo linenkinga yokunetha. Sikhiphe umsebenzi, sathatha inkampani ezolungisa konke, futhi bekubonakala ukuthi uphahla kalulungile,” kusho uMnu Zulu. Imeya kamasipala, uMnu Xolani Ngwezi, ithe kuzophenywa bese kuyacaca okwenzekile. “Okwamanje kasiyazi imbangela yomlilo. Besinomhlangano ngenkathi sithola umyalelo wokuthi masiphume. “Singene ngo-2021, amahhovisi omkhandlu enenkinga yokungenelwa ngamanzi. “Sisola ukuthi umlilo uqubuke kusetshenzwa. Imihlangano izoqhubeka ngokujwayelekile kwazise amahhovisi amaningi omkhandlu ayaqhubeka nokusebenza.
“Uma uphenyo luthola ukuthi umonakalo udaleke ngenxa yobudedengu benkampani enikwe ithenda yokulungisa isakhiwo, kuyobe kuchaza ukuthi kufanele ikhokhele izindleko zokulungiswa(kwamahhovisi) ngoba sikholwa wukuthi ukhona umshwalense ohlala ulindele ukubhekana nalezi zimo,” kusho uMnu Ngwezi. IDA ngomlomo wekhansela layo eMhlathuze, uMnu Andre de Lange, income ukuphuthuma kwezicishamlilo zase Umhlathuze Fire Department, umlilo, ungakakapakeli kwamanye amagumbi.
phumlani@ilanganews.co.za