Imindeni ikhala ngabasemakhazeni asesibhedlela abebengafuni izidumbu zibhekwe
TSEPO MOLEFE
SININDE ngosheko umndeni wakwaMateke, e-Oribi, eMgungundlovu isibhedlela iGrey’s khona eMgungundlovu siphambanisa isidumbu sawo nesowomdabu waseNdiya, sagcina silothiswa, umlotha waso wayophoswa olwandle.
Le nkinga iphoqa lo mndeni ukuba wenze imicikilisho ethile ukulungisa lesi simo.
UNkz Mary Mateke ongudadewabo kamufi, uMnu Koketso Mateke (32), uthi bayoyixoxela amagwababa echobana eyokushona komfowabo abangeke besakwazi ukuzingcwabela yena ngesizotha.
Uthi umfowabo wangeniswa esibhedlela mhla ka-24 kuNhlangulana (June) elimele emuva kokusha esemsebenzini.
“Kwadlula izinsukwana safonelwa esibhedlela sitshelwa ukuthi useshonile. Mhla ka-5 kuNtulikazi (July), sahlela ukuyokhipha isidumbu sakhe sisifake emakhazeni omndeni, abasemakhazeni asesibhedlela benqaba ukuthi sibone isidumbu, besitshela ukuthi kunzima ukuba sivulwe ngoba ngesomuntu oshone ngeCovid-19.
“Sanqaba ukuthatha isidumbu esingasibonanga, sabatshela ukuthi ilungu lethu lingeniswe esibhedlela lilimele, belingaguli. Kwaba wumzukuzuku bengafuni ukusivezela isidumbu, saze sabanqoba. Sacishe sashayeka phansi sithola kulele umNdiya esikhwameni okwakufakwe kusona isidumbu obekuthiwa ngesethu,” esho.
Uthi abasemakhazeni asesibhedlela babebamba beyeka, bengabacaciseli ukuthi siphi isidumbu sikaMnu Mateke.
“Sabuyela emuva sathola ucingo oluthi isidumbu sethu sathathwa ngamalungu kamufi, uMnu Chunderson Maharaj waseThornville, khona eMgungundlovu, owayengene egula.
“Kwathiwa abakwaMaharaj sebasilothisa isidumbu, balahla umlotha olwandle. Siphithene amakhanda kuyimanje, kasazi ukuthi sizokwenzenjani,” kubalisa uNkz Mateke.
UMnu Ricky Maharaj oyindodana kamufi, utshele ILANGA ukuthi bethuka kwaphela nasozwaneni bethola ucingo esibhedlela lubatshela ukuthi balothise isidumbu somunye umndeni.
“Saphoqeleka ukulanda isidumbu sikababa sizogcina usiko lwethu okwesibili. Le nto yokungcwaba kabili yasihlukumeza kakhulu. Izikhulu zesibhedlela zathi lixhoshwa libhekile, zasixhumanisa nomndeni wakwaMateke sawuchazela ngokwenzekile esidunjini selungu lawo,” kusho yena.
Isitatimende soMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal esikhishwe nguMnu Ntokozo Maphisa, owukhulumelayo, sithe umnyango ngeke uphendule lutho okwamanje njengoba lolu daba seluhambe lwafika enkantolo.
Nokho kasicacisi ukuthi ngubani ofake lolu daba enkantolo. ILANGA lizamile ukuthola abezokuxhumana emnyangweni bathunyelelwa nemiqhafazo kodwa lutho ukubathola.
Umelaphi wendabuko, uMnu Bongani Gumede, waseKorinte, eMzimkhulu, uyale umndeni wakwaMateke ngokuthi uxhumane nowakwaMaharaj, ukhonjiswe lapho kwachithwa khona umlotha kamufi, ukuze kusetshenzwe ngomoya wakhe.
“Uma beya lapho olwandle, kuyomele baphathe itshe, izinkukhu ezimbili nehlahla lomlahlankosi ngoba umufi ungowesilisa. Bazofike bamemeze igama lakhe, bamthathe bagoduke naye.
“Itshe leli sebeyofike balibeke endaweni abangcwaba kuyona uma bengcwabela ekhaya. Kumele balipende ligqame, sekuyothi uma kukhona abafuna ukukukhuluma nomufi baqonde lapho etsheni elizobe selifana nethuna lakhe kubona,” kusho uMnu Gumede.