Banikwe umphako wendlela abafundi abanqobe koweLANGA neBerea

251

MTHOBISI SITHOLE

BALULEKWE ngokubambisisa ithuba eliyingqayizivele abahlonyuliswe ngemifundaze emncintiswaneni weLANGA neBerea Technical College, eThekwini, emcimbini obungoLwesibili kulesi sikhungo. 

Kuhlomule abafundi abawu-10 ngemifundaze ezokhokhela zonke izindleko zokufunda iminyaka emithathu. 

Umqondisi wakulesi sikhungo, uMnu Sibongiseni Magwaza, utshele abafundi ukuthi baningi asebephumelele empilweni ngenxa yosizo lomfundaze weLANGA neBerea. 

Uthe abafundi kufanele bakhohlwe yizinto eziseceleni ezizophazamisa ukufunda kwabo, bakhumbule ubunzima abadlule kubona ngesikhathi bezama inhlanhla kulo mncintiswano. Uthe bangaphezulu kuka-10 000 abebengenele lo mncintiswano, bethenga iphephandaba bazama inhlanhla.

“Kufanele nibambe iqhaza lenu bafundi, ningawadoji amakilasi ukuze niphumelele ezifundweni zenu,” kusho uMagwaza.

Uveze ukuthi bathathu kuphela abafundi abangaziqedanga iziqu zabo, abebethole lolu xhaso eminyakeni edlule, selokhu kwa-qalwa lolu hlelo lwemifundaze. 

Ululeke abafundi ngokuthi kufanele basebenze kanzima, baphase bonke kule minyaka emithathu ababekelwe yona. 

UMnu Andrew Taylor oyisikhulu emnyangweni wezokukhangisa kuleli phephandaba, uncome ukubambisana okuhle phakathi kweBerea neLANGA. Uhalalisele abafundi, wanxusa ukuthi bengadembeseli ezifundweni zabo.

INhloko yabaHleli kwiLANGA, uMnu Philani Mgwaba, ikhumbuze abafundi ukuthi njengoba bezoqala ukufunda, kufanele bakhumbule ukuthi imindeni yabo ibalindile emuva.

“Lesi sikole siyahlonishwa kakhulu, akusisona isipaza. Siyabonga kakhulu nokuthi nifunda ILANGA, ngoba ukuba beningalifundi, beningeke niwubone lo mncintiswano wemifundaze ebesiwenza. Niqhubeke nitshele nabanye balithenge iphephandaba. Ngiyanihalalisela ngethuba eliyingqayizivele, nifunde nizimisele, niphumelele nondle imindeni yenu,” kusho uMgwaba.

Omunye wabafundi abahlomulile, uSamkelo Mbatha – oyokwenza iziqu zeMarketing – ucele ozakwabo ukuba babambisane, bafunde ngokuzimisela ngoba yingqayizivele yethuba le abayitholile. 

Abanye abahlomulile nguNongcebo Cofu waseMlazi, ozokwenza iPolicing, uNtombezinhle Soni wasePinetown, ozokwenza iJournalism, uSamkelo Ntombela waseMnambithi ozokwenza i-Analytical Chemistry, uNomwawethu Shelembe waseVerulam ozokwenza iLegal Secretary, u-Amanda Ndlovu waseCato Ridge ozokwenza iHospitality, uSimphiwe Bhengu waseNanda ozokwenza iPC Suppoort and Networking noXolile Mgenge waseVerulam ozokwenza iPublic Management. 

Lezi ziqu bazikhethele bona.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKuhlongozwa umthetho wokujezisa abaqashi abafonela izisebenzi ezisekhefini
Next articleISilo silengelwa wukwehlelwa yisithunzi ngolwe-Ingonyama – umhlaziyi