Banovalo ngokuqothwa komndeni ngabangaziwa

380

Bathi njalo ngaphambi kokuba kube khona obulawayo baqale banikwe igama lozolandela

KWAKUMNANDI bendawonye uMnu Sthembiso Mbuyisa ongakwesokudla noMnu Lungelo Ntuli ongakwesokunxele ababulawe izinyanga zilandelana.

SKHOSIPHI MTHEMBU
UHLAFUNA ujeqeza ekubhaceni umndeni wakwaMbuyisa, eMlazi emuva kokuba kudutshulwe kwabulawa amalungu awo izinyanga zilandelana. Lo mndeni uthi kawazi ukuthi woneni kubani njengoba uhlaselwa nje, kanti ababulali sebeshilo nokuthi ngubani ozolandela.Kulezi zigameko kubulawe uMnu Sthembiso Mbuyisa ngenyanga edlule, kwathi ngoLwesibili olwedlule kwabulawa uMnu Lungelo Ntuli oyisihlobo salo mndeni odutshulwe esendlini yakhe. Kubikwa ukuthi uMnu Ntuli udutshulwa nje, amanye amalungu omndeni abesetsheliwe ukuthi uzolandela. Nebala kuvukwe ngoLwesithathu athola umbiko wokuthi usebulewe.


Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa ngenxa yovalo kwazise udaba lubucayi lithi isimo sibi emndenini. Liveze ukuthi yonke le ndaba iqale ngoMasingana (January) nonyaka kuhlaselwa uMnu Mbuyisa ogcine ngokubulawa ngenyanga edlule. “Ekuqaleni konyaka, uSthembiso udutshulwe ngabantu abangaziwa, okuholele ekutheni abaleke lapha ekhaya wayohlala kwenye indawo nengoduso yakhe. Besithi sekudlulile, kodwa sathuka ngenyanga edlule sithola umbiko wokuthi usedutshuliwe. “Kuthe sisephakathi namalungiselelo omngcwabo wakhe, sathola incwadi phambi komnyango ibhalwe ngabantu abazibize ngababulali bakhe.

Bebhale ukuthi bambulale ngoba ubebakweleta imali, engafuni ukuyikhokha. Basinike umyalelo wokuthi kabafuni kube nomngcwabo ngoba uma sike saqhubeka nawo, bazoqotha imbokodo nesisekelo. “Ngenxa yokwesaba, senze njengoba beshilo satshela omakhelwane ukuthi kawukho umngcwabo, bangafiki. Ngelanga afihlwe ngalo, sahamba siwumndeni saya emakhazeni, walandwa saqonda emathuneni. Ngisho imbuzi yokumgeza sayihlinzela khona emathuneni, yalahlwa lapho sabe sesibuyela ekhaya. “Kudlule isikhathi kwakhona inombolo esishayela ucingo, isitshela ukuthi kukhona omunye ozolandela lapha ekhaya. Kasizange sinake, kodwa kuthe ngoLwesibili kwakhona amalungu omndeni athola ucingo laba bantu bethi kuzolandela uLungelo.


“Ababulali bamngenele endlini yakhe KwaMashu. Lokhu kwenza sisole ukuthi kukhona umuntu oqonde ukuqeda ngomndeni we-thu. Kumanje kasisalali ekhaya, abanye sebebalekile ngoba kasazi ukuthi ngubani ozolandela. Besicela iziphathimandla zingenelele ngoba sesiyesaba ukuthi sizobulawa sonke. Okubuhlungu wukuthi kasazi ukuthi senzeni siwumndeni,” kusho ilungu lalo mndeni. Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokusabisa kanti amaphoyisa asaphenya.

Previous articleUbambelela ngesidindi umqeqeshi weChiefs
Next articleBalwela ukunciphisa isinyokotho ezikoleni