Banukane bodwa kuhlaselwa usihlalo

879

Kuthiwa u-R15 000 okuyimali yesitokofela ebifunwa yizigilamkhuba, ibisagcinwe emzini wakhe 

AMALUNGU eKhanyisani Burial Society abehlangene ngeledlule emzini kaNkk Claudia Lombo, eyokhuza umhlola ngokugasela kwabantu
befuna u-R15 000 wesitokofela. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

TSEPO MOLEFE

ZISALE zinukana zodwa izalukazi zaseMabomvini, eGreytown, ezingamalungu esitokofela iKhanyisani Burial Society, ngokuhlaselwa kukasihlalo wazo, ngabesilisa abangaziwa phakathi kwamabili beyofuna u-R15 000 owawuqoqwe ngenyanga edlule, ukugcwalisa esitokofeleni. 

Ngeledlule  amalungu alesi sitokofela abehlangene emzini kasihlalo wawo, uNkk Claudia Lombo (69), eyokhuza umhlola ngalesi sigameko esenzeka mhla ka-11 kuNtulikazi (July), eyokwe-nza nomhlahlandlela omusha wo-kugcina ulwazi oluyimfihlo lwe-nhlangano yabo. 

UNkk Lombo usole ozakwabo ngokuba ngovovo liyakhipha, athi yibona abaxoxela abazukulu babo ukuthi le mali isagcinwe emzini wakhe, ngoba akekho omunye umuntu owayazi ngaphandle kwamalungu esitokofela. 

Uthi kuze kuba uyaphila nje, ubonga umzukulu wakhe onemi-nyaka ewu-17, owamphika ngesi-khathi kugasele abasolwa, wathi akekho uhambele uzalo lwakhe okunesifo kulona, kwazise kwaku-yimpelasonto ngalelo langa. 

Uthi akafuni ukubheka eceleni ngoba umkhuba ungaphakathi enhlanganweni. 

“Umzukulu wathelekelwa nga-balisa abathathu eselawini lakhe, bamkhomba ngesibhamu, babuza ukuthi ngikuphi. Wabatshela ukuthi kangikho, ngiye ozalweni obekunesifo khona. Namanje ngisazibuza ukuthi lobu buhlakani obungaka bamfikela kanjani engumuntu wesifazane. 

“Umzukulu wayilandula kwamali leyo. Abasolwa bahamba naye bethi baya emzini kamgcinimafa wenhlangano. Besendleleni, 

bamshiya nomunye wesilisa owa-yemqaphile, abanye bangena emzini kamgcinimfa obuqamama nakwami. 

“Uthi wakwazi ukuphunyula wabaleka ngoba abasolwa babiza uzakwabo lo owayemgadile. Wabaleka wabuyela ekhaya, ba-phazamiseka nokungena endlini kamgcinimafa. Wafika umlomo umhlophe, ehluleka nawukukhuluma kahle, evevezela wuvalo. Wasitshela ukuthi ubethathwe ngabantu abafuna imali yesitoko-fela. 

“Sahlaba umkhosi komakhe-lwane, bathungathwa laba balisa kwaze kwaba ihora lesithathu ekuseni,” kusho uNkk Lombo. 

Ukhale ngokungahlonishwa esihlalweni aqokelwe kusona. “Kangizikhethelanga mina ukuba ngusihlalo, ngakho uma bengasa-ngifuni mabasho, ngizokwehla. Lokhu kokuhlukunyezwa kwezi-ngane zami ngeke ngikubekezelele, kangazi ukuthi ukube umzukulu washo ukuthi ngikhona kwakuzokwenzekani kimina. 

“Sawabiza amaphoyisa aseMatimatolo ngalobo busuku, kodwa athi kalikho icala azolivula ngoba kakulinyazwanga lutho futhi no-mzukulu akenziwanga lutho,” esho. 

UMnu Nkunzemnyama Mazeka, oyinduna yaseMabomvini, ukugxe-kile okwenzeke kwaLombo, wathi basazodlulela enkosini yesizwe bayibikele ngokwenzekile ngoba ziningi izinhlangano zezitokofela abazaziyo esizweni ezidinga ukuvikelwa, iningi lazo elisungulwe yizalukazi ukuze zidle kahle nabazukulu ngoKhisimusi. 

USolwazi Bonke Dumisa oyisazi sezomnotho, ukhuze abantu, wathi mabahlukane nokulondoloza imali yabo phansi kwemicamelo emakhaya ngoba lokho kubeka impilo yabo engcupheni yokuhla-selwa yizigilamkhuba. 

“Seluleka ikakhulukazi abezitokofela ngokuba bakhe ikomidi elizoba nelungelo lokufaka nokukhipha imali ebhange. 

“Ukulondoloza imali ebhange kusiza noma ngabe kukhona okwenzekayo ekhaya ukuthi imali ingathinteki, ikwazi nokusiza uma kucekeleke izindlu, kungaba 

ngomlilo, kumbe nokunye nje okubavelelayo kuhlanganisa nakho ukuphangwa,” kusho 

uSolwazi Dumisa.

Previous articleUsezokhalela kwi-relay umgijimi ophoxile
Next articleBaguqise izingwazi abakamgqumeni