PHILANI NCALANE
BANXUSWE ukungachomi aba-dlali nethimba lonke leBafana Bafana egile izimanga ihlula i-Egypt ngo-1-0 emdlalweni we-last 16 kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka khona e-Egypt.
Igoli eliphule izinkumbi zaba-ntu base-Egypt, livalelwe nguThe-mbinkosi Lorch sekusele imizuzu embalwa kusongwe umdlalo.
IBafana idlale ingcwenga kulo mdlalo, eyenze kwehla iziqhomo kubantu abebegcwele phama enkundleni.
UKwenzakwakhe Ngwenya oyinhloko yethimba leBafana kulo mqhudelwano, uthi badonswe ngendlebe bonke abayingxenye yeBafana ukungachomi ngalo mphumela, ngoba ungasusa uthuthuva.
“Abantu balapha ubabona ngisho uhlangana nabo lapha ehhotela ukuthi badinwe bayaveva. Inkinga ihhotela okuhleli kulona iBafana likhulu kakhulu, okwe-nza lisingathe imicimbi eminingi eyahlukene.
“Yingakho kuthathwe isinqumo sokuthi singalinge sichome ngalo mphumela ngoba abantu balapha badinwe kakhulu. Ngaphambi ko-mdlalo, abantu balapha bebenga-yiniki lutho iBafana, bephumela obala ngokuthi bayogcina nje icala enkundleni.
“Manje kumqoka ukuthi sizitho-be, singabachukuluzi ngoba ku-ngenzeka kuqubuke izinkinga,” kusho uNgwenya oqhube ngokuthi ezokuphepha ziqi-ne kakhulu.
“Ziqinile ezokuphepha la-pha esikhona. Kukhona ama-phoyisa namasosha.
“Kukhona ngisho amapho-yisa ahamba nezinja. Zonke lezi zinhlaka ziphelezela iBafana ngisho iyoziqeqesha.
“Abantu abacasukele thi-na, kodwa badinelwe isikwati sabo esibaphoxile. Imimo-ya iphezulu kubadlali bethu, futhi bawubheke ngabomvu umdlalo we-quarter final neNigeria ozokuba ngoLwe-sithathu,” kusho uNgwenya.
ngoMgqibelo eCairo. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX