Baphikisa umthetho wokuthenwa kwabadlwenguli

295

INTATHELI YELANGA

KUHLUKENE imibono ngesinqumo sikaHulumeni waseMadagascar emuva kokuba iphalamende lakhona liphasise umthetho wokuthenwa kwabalahlwe ngamacala okudlwengula izingane. Lo mthetho usuqubule imvunge ezinhlanganweni zamalungelo abantu emhlabeni, kubalwa ne-Amnesty International (AI). Kuthiwa zikhona izishoshovu eziwesekayo ngelithi muhle impela kwazise uzonqanda umkhuba wokudlwengula. 

UNgqongqoshe wezoBulungiswa kuleliye lizwe, uLandy Mbolatiana Randriamanantenasoa, uthe lesi yisinyathelo esihle kwazise siyakhula isibalo samacala okudlwengulwa kwezingane. Uthe ngo-2023, kubikwe amacala awu-600 okudlwengulwa kwezingane kanti ngoMasingana (January wanonyaka, sekuvele kubikwe awu-133. “IMadagascar iyizwe elizimele, inelungelo lokuchibiyela imithetho yayo ngenxa yezimo ezibhekene nabantu bayo,” kusho uRandriamanantenasoa. Uqhube ngokuthi: “Isijesizo esisebenzayo njengamanje, kasibethusi nhlobo abadlwenguli.

KWESOKUNXELE nguNgqongqoshe wezoBulungiswa eMadagascar, uLandy Mbolatiana Randriamanantenasoa. Kwesokudla wumfanekiso wokuthena ngohlelo lwamakhemikhali.

Ukuthena kuzokwenziwa ngezindlela ezimbili. Kukhona okokuhlinzwa nokusetshenziswa kwamakhemikhali. Kuthiwa ukuhlinzwa kuzosetshenziswa kwabadlwengule izingane ezineminyaka engaphansi kwewu-10 ubudala. Kwabadlwengule ezineminyaka ewu-10-13, kuzokhethwa phakathi kwazo zombili izijeziso. Abagile izingane ezineminyaka ewu-14-17, bazothenwa ngendlela yamakhemikhali.

Ohlelweni lwamakhemikhali kuzosetshenziswa imithi ezovimba ama-hormone nokulangazelela ucansi. Kubikwa ukuthi lolu hlobo luyavaleka ngokunqandwa kwemithi ukuba iqhubeke nokusebenza kanti eyokuhlizwa, umuntu uyoze afe nayo. Emazweni amaningi, kubalwa nezifundazwe zase-USA – phakathi kwazo okukhona iCalifornia neFlorida — luyasetshenziswa uhlelo lokuthena ngamakhemikhali kanti olokuhlinzwa luyivelakancane.

I-AI ithe lo mthetho ukhombisa ubulwane futhi uwumkhuba owehlisa isithunzi. Iqhube ngokuthi uyashayisana nomthethosisekelo waseMadagascar. “Empeleni umthetho kufanele ugxile ekuvikeleni izisulu,” kusho uNciko wa Nciko, ongusomaqhinga we-AI eMadagascar. Uqhube ngokuthi okuqubula ingebhe ngalo mthetho wukuthi ezobulungiswa kuleliya lizwe kazethembekile ngenxa yenkohlakalo nokungenekwa kwezinto obala.

Previous articleUveza okumdumazile nge-Afcon yalo nyaka
Next articleUzishaya isifuba umqeqeshi weDowns