Baphoxekile uHlophe owaxoshwa ekubeni yijaji eqokelwa kwiJSC

299

BHEKI NDLOVANA 

INHLANGANO ekhathalele ukuzimela kwezobulungiswa, iJudges Matter, izwakalise ukudumala ngokukhethwa komholi weMK Party ephalamende, uDkt John Hlophe, ukuba abe yilungu leJudicial Services Commission (JSC).  UDkt Hlophe owayengumengameli wamajaji eWestern Cape, kodwa waxoshwa, ukhethwe namuhla ngoLwesibili ephalamende. 

Ezinsukwini ezedlule, kuqubuke imvunge ngesikhathi igama likaDkt Hlophe liphakanyiselwa ukuba akhethwe abe yilungu leJSC. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoNhlolanja (February) nonyaka, iphalamende lanquma ukuba uDkt Hlophe adilizwe esikhundleni sokuba yijaji emuva kokuba watholakala enecala lokungaziphathi kahle.  

I-JSC ineqhaza elibalulekile kwezobulungiswa njengoba kuyiyona eyengamela uhlelo lokuqokwa kwamajaji amasha. 

Ngemuva kokukhethwa kwakhe, iJudges Matter kayichithanga sikhathi, izwakalise ukuphoxeka kwayo. Ithe ukuqokwa komuntu owake watholakala ephule imigomo yokuziphatha njengoDkt Hlophe, kuhudulela phansi isithunzi sale khomishini nomkhakha wezobulungiswa. 

UMnu Mbekezeli Benjamin okhulumela iJudges Matter, uthe kuyindida ukuthi abantu abatholwe benecala lokungaziphathi kahle kube yibona futhi abazohlola ukuziphatha, ubuqotho nokulungela umsebenzi kwamajaji azoqashwa.  

Amanye amalungu amasha eJSC nguMnu Molapi Lekganyane (ANC), nguNkk Fasihla Hassan (ANC), nguMnu Julius Malema (EFF), nguNkk Refilwe Mtshweni-Tsipane (ANC), nguMnu Mosimanegare Mmoiemang (ANC) Mnu Nicholas Gotsell (DA). 

Previous articleIgwetshwe kanzima ingoduso kwelokubulawa komyeni owayengunjiniyela eTransnet 
Next article“Uyaphela umbuso” kubalandeli abakhokhelwa izindleko zokuya emidlalweni yezwe