Baphume ngebheyili kolwasePhala Phala

285

INTATHELI YELANGA

BADEDELWE ngebheyili abathinteka emacaleni obugebengu obenzeka ePhala Phala, eLimpopo, epulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa, lapho kwebiwa khona isizumbulu semali. NgoLwesihlanu iNkantolo yeMantshi yaseBela Bela, eLimpopo, isemukele isicelo sebheyili kaNkz Froliana Joseph nomfowabo, uMnu David Joseph. Bobabili basolwa ngokubamba iqhaza ekugqekezeni epulazini,  kwebiwa u-$580 000. 

Imantshi, uPredeshni Poonan, inqume ukuba uFroliana adedelwe ngebheyili ka-R5 000, uDavid wanikwa eka-R10 000. Ngesikhathi laba befaka isicelo sebheyili ngeledlule, umbuso kawuzange uziphikise. Umshushisi, uNkhetheni Munyai, uthe umbuso kawusiphikisanga isicelo sabo sebheyili ngoba ukholwa wukuthi ngeke bawabalekele amacala abo, futhi ngeke baluphazamise uphenyo.

UMnu Imanuwela David (39), yena ubengasifakanga ngeledlule isicelo sebheyili ngenxa yokuthi ummeli wakhe akaphumelela enkantolo. Icala lihlehliselwe umhla ka-6 kuZibandlela (December) lapho inkantolo izolalela isicelo sebheyili sika-Imanuwela. Umbuso usukuvezile ukuthi uzosiphikisa.

www.ilanganews.co.za

UMNU David Joseph nodadewabo, uNkz Froliana Joseph, badedelwe ngebheyili odabeni lokwebiwa kwemali epulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa, elisePhala Phala, eLimpopo.

Previous articleUMosimane uphawula ngamahlebezi okufunwa yiChiefs
Next articleThola ILANGA kusasa (20 November 2023)