“Baphumputha” umkhombandlela abafuna ukugudluza i-ANC

191

BHEKI NDLOVANA 

UMFELANDAWONYE wamaqembu epolitiki obizwa ngeMulti-Party Charter – ohlela ukuketula i-African National Congress (ANC) emandleni okuhola izwe emuva kothetho lwangonyaka ozayo – uthi uhambe kahle umhlangano wawo nezinhlangano ezahlukene zomphakathi eBirchwood Hotel, eGoli. 

Uthi  lo mhlangano ubuhanjelwe yizinhlangano zomphakathi ezingaphezu kuka-20. Phakathi kwebeziwethamele, yi-Outa,  iDefend Our Democracy, iThe Brenthurst Foundation ne-Afrikanerbond. 

IMulti-Party ithi inhloso yalo mhlangano bekuwukuzwa ukuthi yikuphi lezi zinhlangano zomphakathi ezikulindele nezikufunayo kuyo. 

Kulo mhlangano kubikwa ukuthi izinto okukhulunywe ngazo zihlanganisa indlela yokukhulisa umnotho, ukubhekana nobugebengu nenkohlakalo, ukuguqulwa nokuvikela uhlelo lokhetho, ukuvikela uMthethosisekelo nezikhungo zikahulumeni, ukuqinisa amandla ezinkampani zikahulumeni, ukukhuthaza ukuqashwa kwentsha nokuthuthukisa uhlelo lwezemfundo. 

I-Multi-Party Charter yakhiwe ngokusemthethweni ngoNcwaba (August). Inamaqembu epolitiki awu-8, okuyiDemocratic Alliance (DA), iNkatha Freedom Party (IFP), iFreedom Front Plus (FF Plus), i-Action SA, i-African Christian Democratic Party (ACDP), i-Independent South African National Civic Organisation (ISANCO), i-United Independent Movement (UIM), neSpectrum National Party (SNP).   

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleUthisha (40) kwelokudlwengula umfundi (13)
Next articleI-DA emkhankasweni wokuba kuhlakazwe ubuholi beTheku