SENZO SOKHELA
BAQASHELWE umqeqeshi oluleka ngokwengqondo abadlali beKaizer Chiefs njengoba sekuphele iminyaka ebheke kwewu-10 ingazinqobi izinkomishi.
IChiefs izobhekana neCape Town City koweDStv Premiership ngoLwesibili ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto. Iya kulo mdlalo nje, ijabulise abalandeli bayo iguqisa iSekhukhune United ngo-2-1 koweligi ngoLwesithathu ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Iye koweSekhukhune inengcindezi njengoba ibishaya udaka, okuholele ekutheni abalandeli bayo bahlasele umqeqeshi wayo, uMolefi Ntseki (osesithombeni), bemjikijela bethi kabasa-mfuni. Nonozinti wale kilabhu, uBrandon Peterson, ubesewumgodi onganukwanja kubalandeli beChiefs ngenxa yamaphutha abelimaza le kilabhu.
Ebuzwa uNtseki ukuthi umeluleka kanjani uPeterson ngokomqondo – njengoba evamise ukwenza amaphutha aholela ekutheni le kilabhu ilahlekelwe ngamaphuzu – uthe: “Into ebalulekile wukuthi uBrandon ungukaputeni, futhi ungumholi.
“Kufanele sibonge ikilabhu ngoba njengamanje iqashe umuntu ngokugcwele ozololonga imiqondo yabadlali futhi wenza umsebenzi omuhle ngabo. Ubuye asebenze nethimba labaqeqeshi. Nokho uma ngingakhuluma ngoBrandon, kuneziwombe lapho esihlenge khona.
“Izinga akulona yilona elenza sibe naye ngaso sonke isikhathi, siyameseka. Into okufanele siyiqonde wukuthi kakuyona yonke imidlalo ozoyigijima ngokweqophelo eliphezulu. Uma singathatha izinqumo ngamaphutha enziwa ngabadlali, kusho ukuthi kungagcina kungadlali muntu.”