Baqome ukuhlala emakhaya othisha abasatshiswe ngokufa esikoleni

461

MTHOBISI SITHOLE

BADLIWE yingebhe bangalubhada emsebenzini ngoLwesibili othisha baseMaqhutshana Secondary School,  ngaseHillcrest, eThekwini, emu kokuba befike ngoMsombuluko kunanyekwe amagama abo ngaphandle kwamasango esikole, besatshiswa ngokuthi bazofa uma beqhubeka nokufundisa. 

Ngokuthola kweLANGA, lezi zinsongo zenze ukuba amaphoyisa agade ukuseb-nza kothisha kuleli sonto. Kubikwa ukuthi kukhona ukungahlalisani kahle kothisha ngaphakathi esikoleni. Leli phephandaba lithole nokuthi ababili bangamalungu eSadtu abanye abeNatu. 

UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza, uthe kubaphatha kabi ukungahlalisani kahle kothisha ekubeni singekho isizathu esiphathekayo.“Lesi sigameko sithuse kakhulu ngoba akukho esikutholile uma silandelela. Uma kukhona ukungaboni ngaso linye ngezimo zomsebenzi, kufanele kuhlalwe phansi kuboniswane,” kusho uNkz Caluza. Othisha bathe kabasaphephile, bazohlala emakhaya kuze kube umqashi uxazulula le nkinga.

UMengameli weNatu, uMnu Sbusiso Malinga, uthe kuyathusa lokhu okwenzekayo ngoba kuphazamisa abafundi emakilasini kwazise lesi sigaba sonyaka sinezinsuku ezincane kakhulu, eziwu-53. Utshele ILANGA ukuthi ngeke bavumele amalungu abo asebenze kungaphephile.

Ngokwemithombo yeLANGA, kuvela ukuthi okushayisa amakhala wukuthi othisha abasatshiswayo, badala kulesi sikole kanti abaphathi besikole basha.   

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bazophenya kabanzi ukuze isimo sibuyele kwesijwayelekile esikoleni. Ugxeke ukungabambisani kothisha nomphakathi.

Previous articleUphelele olakeni lomphakathi owesilisa “obulale” ingane emuva kwengxabano ka-R150
Next articleKusolwa amanzi amponjwana kumshayeli weloli laseZambia elibulale umama womuzi eMgungundlovu